
Umfundi Wezesintu Uthola Umklomelo ngeJenali Ecashunwe Kakhulu
Click here for English version
Umfundi owenza iziqu zobudokotela kuzifundo Ngenhlalomphakathi, uMnu Shingirai Mugambiwa, uthole umklomelo kubashicileli i-AOSIS ngokuba wumbhali wejenali ecashunwe kakhulu emkhakheni wezeSayensi, ezobuChwepheshe nezokuQamba kabuSha.
UMugambiwa uhlonishwe emcimbini obuse-North West University Ekhempasini yase-Potchefstroom.
‘Ukuthola lo mklomelo kungikhuthazile kwangenza ngabona ukuthi ngenza kahle kanti ngikholwa wukuthi uma ngiqhubeka nokusebenza kanje, ngizoqhubeka nokuvula amathuba angapheli kwezemfundo,’ kusho uMugambiwa. ‘Lokhu wumvuzo wokuzikhandla, ukuzinikela nokubambisana nomngani kanye nengibambisane naye ekubhaleni u-Happy Tirivangasi, osefunda e-Belgium manje.’
Lo mbhalo wocwaningo ohamba phambili unesihloko esithi: Climate Change: A Threat to Achieving Sustainable Development Goal (SDG) Number 2 (End Hunger, Achieve Food Security and Improve Nutrition and Promote Sustainable Agriculture) in South Africa.
Embhalweni wocwaningo uMugambiwa uthe ukuguquguquka kwesimo sezulu ingozi enkulu eNingizimu Afrika ebhekane nayo emizamweni yokubhekana nomgomo wesibili wokonga imvelo, wase ephakamisa izindlela izwe elingazilandela ukuze lifeze iphupho lalo.
Uzimisele ngokuqhubeka nocwaningo kwezokuguquguquka kwesimo sezulu e-Afrika nasemhlabeni wonke. ‘Ngihlose ukwenza umsebenzi wocwaningo wesikhathi eside ozoqhamuka nekhambi lezinkinga ezikhona e-Afrika, ngaleyo ndlela luqhamuke nolwazi ngezindlela ezinembayo zokubhekana nezinselelo zalesi simo sezulu.’
UMugambiwa wabhala iphepha lakhe locwaningo ngenkathi enza iziqu ze-Onazi ngowezi-2014, kwathi ngenkathi eqeda i-Mastazi wabe esebhale amaphepha ayisishiyagalolunye. Ukholwa wukuthi uyisibani kubantu abasha abasafunda abangasilandela ukushintsha isimo somhlaba.
Iseluleko sakhe kubafundi sithi: ‘Ungapholisi maseko, ngakho ungaqale ulindele ukuqeda iziqu ze-Mastazi noma zobudokotela ngaphambi kokuthi ubhale. Ukubhala akuyona into yabantu abadala. Singabantu abasha kuyadingeka ukuba sisebenze ngokuzikhandla ekuthuthukisei ucwaningo nokuqhamuka nezinto ezintsha e-Africa ngoba siyikusasa.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe