
Ofundisa I-Jazz e-UKZN Uqokelwe Eyama-SAMA
Click here for English version
I-albhamu i-Close to Home kaMnu Sibusiso Mashiloane ofundisa i-jazz e-UKZN iqokelwe kuma-South African Music Award (ama-SAMA) emunxeni we-Best Jazz Album.
‘Ngijabule ngokuqokwa phakathi kwezingwazi zabaculi,’ kusho uMashiloane. ‘Ngikhiphe le-albhamu ukusebenzisa umculo wami njengendlela yokuxoxa izindaba zabantu baseNingizimu Afrika. Ukuqokelwa ama-SAMA kungikhuthaza ukuthi ngibhale omunye umculo wasekhaya.’
I-albhamu yethulwa kuMandulo (September) nyakenye ngenkathi emsebenzini wakhe eficwa yisikhathi sokuthanda ukugxila ezintweni ezithinta inhlalo nomculo. Njengomuntu owazalelwa eMpumalanga wakhulela phakathi kwamaNdebele, abaPedi, namaSwazi ngaphambi kokuthi athuthele e-KwaZulu-Natal, uMashiloane wabona ukuthi umphakathi nomphakathi unezinto zawo wodwa.
Uthi i-Closer to Home ingumphumela wazo zonke izinhlobo zomculo zabantu aseke waphila phakathi kwabo.
Kule albhamu kuboshelwe izingwazi zabaculi, abanye babo abafunda e-UKZN nabafundi bakudala njengo-Kunle Ayo (esigincini); uTlale Makhene (kokhehlegume); uPaki Peloeole, uSbu Zondi no-Riley Giandhari (ezigubhini); uMbuso Nxumalo, uMenzi Cele noLwazi Khuzwayo (abaculi), uKeorapetse Kolwane noQhubekani Mthethwa. Kepha futhi kuboshelwe nabaculi njengoThabo Sikhakhane (kwi-trumpet) noThembinkosi Ngcobo (kwi-trombone).
‘Bonke laba baculi bayaziqhenya ngobubona kanti abaqhutshwa wuthando lokugabisa ngekhono labo kuphela kepha futhi baqhutshwa wukungaphelelwa yisikhathi.’
Amanz’ Olwandle kaMashiloane adla imiklomelo emibili yeMzantsi Jazz Awards ye-Best Jazz album kwathi iRotha yaqokwa njengevelele kwabesilisa, yanqoba emunxeni we-Best Jazz emhlabeni i-International African Music Awards (i-AFRIMA).
Njengomuntu ofundisayo, ugxile ekufundiseni nasekuhleleni ukudlala bukhoma lapho abafundi bakhe begxile khona emisebenzini yabaqambi baseNingizimu Afrika.
UMashiloane uqedela iziqu zobudokotela emculweni lapho ecwaninga khona ngabaqambi baseNingizimu Afrika nokuthi umculo wabo unaliphi iqhaza ekuzizweni usekhaya.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Simanga Zondo