Abasubathi base-UKZN kwi-Two Oceans Marathon
Click here for English version
Izisebenzi eziningi nabafundi base-UKZN bagijime kwi-Two Oceans Marathon yama-50 e-Cape Town, bagijima emijahweni omude, omfishane nowomzila onqamula ehlathini.
Umfundi weMastazi kwi-Statistics, uNks Nina Grundlingh, uthe kulo nyaka ukhethe ukugijima nabazali bakhe emjahweni onomzila onqamula ehlathini, wathi ukuthatha ikhefu ezincwadini, aphumele kwimvelo, akhohlwe yizinsizi zansuku zonke. UGrundlingh ulungiselela ukugijima i-70.3 Ironman Triathlon ezoba kulonyaka eThekwini ngenyanga kaNhlangulana.
Ongumsebenzi waseNyuvesi, uMnu Tony Singarum uthe lomjaho owaziwa njengomuhle kakhulu ngenxa yezintaba namathafa amahle okubonakalayo kuyo ne-Table Mountain, uhehe abagijimi abaqhamuka emazweni angamashumi ayi-89.
‘Iqembu lase-UKZN belizilungiselele futhi ligijime kahle. Libukeka likulungele kahle ukugijima emjahweni we-Comrades Marathon ozoba ngomhla ziyi-9 kuNhlangulana kulonyaka. Ngiwuthole unzima lomjaho kumina kodwa ngizamile konke okusemandleni ukuthi ngiwuqede lomjaho wami we-11 ku-Utra Marathon. Ngizizwe nginokuziqhenya okukhulu ukumela imibala yase-UKZN.
‘Ngigqugquzeleke kakhulu ngesikhathi ngikhuphuka intaba ebizwa nge-Ou Kaapse Weg lapho ngizwe omunye owayengumfundi wethu engibiza ethi “Malume Tony, ugqugquzela ubunyoninco”. Lokho kungisizile ukuthi ngikhuphukele phezulu,’ kusho uSingarum.
Ongumcwaningi osanda kwethweswa iziqu zobudokotela emkhakheni wakhe, uMnu Mkeka Tseole, uthi kade ayefisa ukugijima i-Two Oceans ngoba ingeminye yemijaho emikhulu e-Cape Town nomjaho wesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika. UTseole ukugijima ukubona kuyimpilo nendlela yokuqeda isizungu.
‘Abantu abaningi bacabanga ukuthi kunzima ukugijima kanti kufanele uqale kancane, kancane,’ kusho yena.
KuMnu Sanele Mbambo, ukugijima i-Two Oceans Ultra Marathon bekuwukuzilungisela ukugijima i-Comrades Marathon yakhe yesithathu ngenyanga ezayo. ‘Lo mjaho ukulungiselela kahle i-Comrades ekhuphukayo ngoba uyafana nayo.
UMbambo uthe ujabule ngendlela agijime ngayo, njengoba eshaye isikhathi akade ezibekele sona esingamahora amane nemizuzu engama-55, okungafananga nesikhathi asibeka ngonyaka wama-2017 esingamahora ayisithupha nemizuzu engama-11.
uMnu Alex Nxumalo owenza unyaka wesithathu kwi-BSc in Applied Mathematics and Physics, ogijime umjaho oyisigamu, uthe ujabule kakhulu futhi uyaziqhenya ngendlela enze ngayo emjahweni. Kube yinto enkulu kuye ukuqeda ngehora nemizuzu engama-29, wenza kangcono kunangonyaka odlule.
‘Ukugijima kuyangisiza. Kwenza impilo yami ihleleke ukuze ngikwazi ukugijima bese ngifunda,’ kusho uNxumalo.
Amagama nezithombe: ngu-Sithembile Shabangu