Injabulo Abafundi Benikela Ngamaqakelo
Click here for English version
Uhlelo lokuqala lowezi-2019 lwe-Varsity Youth In Action Network lube wumkhankaso wokuqoqa amaqakelo angama-500 kubafundi abadingayo.
Lo mbutho osanda kusungulwa ophikweni lwase-Edgewood uyinhlangano elawulwa ngabafundi ngokuvolontiya ezibophezele ukubhekana nezinselelo zezenhlalo nezomnotho ezithinta abafundi nokuphucula eminye imikhakha yempilo yabo emabaleni esikole.
Ngemva komkhankaso wezinkundla zokuxhumana osebenzisa ama-hash tag anjenge-#ShareTheDignity i-#FreeThePeriod ne-#500isPossible, i-#500SanitaryPads yesekwe kakhulu yizitshudeni nezisebenzi zaseNyuvesi.
USihlalo we-Network, uMnu Lebohang Mathobela, uthe: ‘Sijabulile futhi siyabonga kakhulu ngokwesekwa okumangalisayo esikuthole ezisebenzini nabafundi. Singefinyelele emgomweni wethu namhlanje kodwa umkhankaso uwukuqala kwezinto ezinkulu.’
Wengeze ngokuthi inhlangano izosebenza ngokubambisana ne-Residence Assistants nama-House Committee ukusiza abafundi abahlwempu abahlala enyuvesi nabahlala enyuvesi yonke.
Isikhulu sentuThuko yomPhakathi, uNks Thembelihle Ntombela, uthe kuhle ukubona izisebenzi nabafundi benikela emphakathini. Ugqugquzele abafundi ukuthi babambe iqhaza ekusizeni umphakathi ngoba ‘singabantu sithuthuka ngokusiza abanye’.
Amagama: nguLebohang Mathobela



