
Usosayensi Ovelele wase-UKZN Ukhethelwe Enhlanganweni Ehlonishwayo
Click here for English version
U-Pro-Vice-Chancellor (Research) wase-UKZN, uSolwazi Salim Abdool Karim, uqokelwe kwesokuba yi-Fellow yase-Royal Society in Britain– okuyisikhungo esidala sezesayensi emhlabeni.
U-Abdool Karim ungomunye wososayensi abathathu baseNingizimu Afrika okumanje banga-Fellows of the Society.
U-Abdool Karim, owuMqondisi we-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA) ne-CAPRISA Professor of Global Health in Epidemiology e-Mailman School of Public Health e-Columbia University eMelika, uyaziwa ngamangwevu akhe emhlabeni kwezocwaningo ngengculazi nesandulela sayo.
Uzokwemukelwa ngokusemthethweni e-Royal Society mhla we-12 kuNtulikazi.
‘Yizindaba ezinhle kakhulu lezi eNingizimu Afrika,’ kusho uMengameli we-South African Medical Research Council, uSolwazi Glenda Gray.
I-Royal Society yasungulwa ngo-1660; isungulwa yi-Royal Charter ezinze eNgilandi. Eminyakeni engamakhulu amane edlule ike yahlonipha ososayensi abavelele abanjengo-Sir Isaac Newton, o-Charles Darwin, o-Albert Einstein no-Stephen Hawking. Kwemukelwa umuntu ‘onegalelo elibonakalayo ekuthuthukiseni ulwazi, okubalwa izibalo, isayensi yobunjiniyela nesayensi yezokwelapha’.
Bangama-50 ososayensi abahlonishwayo emhlabeni ababe ngama-Fellows of the Royal Society kulo nyaka, namaLungu ayishumi akwamanye amazwe (Foreign Members) ahlonishwe ngegalelo lawo kwezesayensi.
‘Emlandweni onothile we-Royal Society, yiqhaza lethu elisihlanganisile, eliyisisekelo senjongo yethu, okuwukusebenzisa isayensi ukuthuthukisa abantu,’ kusho uDkt Venki Ramakrishnan, uMengameli we-Royal Society. ‘Ama-Fellow nama-Foreign Members amasha akulo nyaka awubufakazi balokhu, njengoba etonyulwe emikhakheni ehlukene yocwaningo okubalwa kuyo i-epidemiology, i-geometry, i-climatology, engafani kodwa ehambisanayo ukuphosa esivivaneni solwazi emhlabeni esiphila kuwo, kanti kuyintokozo enkulu ukubemukela njengama-Fellows of the Royal Society.’
U-Abdool Karim ngomunye wososayensi abavelele ekucwaningeni ngengculazi kanti useke wenza ucwaningo lwesifo sofuba olwasindisa izimpilo eziningi, waqhamuka nezindlela ezintsha zokugwema ukutheleleka ngengculazi ezazigxile kubantu besifazane abasebasha base-Afrika, okungabantu abasengozini enkulu yokutheleleka ngegciwane. Useke wahlonishwa embhalweni wango-2014 kwi-Nature Medicine njengomunye ‘wabaholi abaphambili baseNingizimu Afrika kwezocwaningo lobudokotela’ kanti uhlonishwa ngokuvusa i-Medical Research Council eyase ingasasebenzi kahle ‘ngombono wakhe wobuholi’.
U-Abdool Karim uthi ‘uthakase kakhulu ngalo mklomelo’, wabonga abalingani bakhe abaningi abamenze wayizuza. ‘Ngibonga kakhulu kubalingani bami abaningi abangisizile ukuze nginqobe. Ngethemba ukuthi izokhuthaza nabanye ososayensi base-Afrika ukuba baqhubeke nokubambelela ocwaningweni lwezesayensi’.
Phakathi kwaseke wakunqoba kubalwa umklomelo ovelele wezesayensi e-Afrika i-Kwame Nkrumah Continental Scientific Award yeNhlangano yase-Afrika
Uyilungu le-United States National Academy of Medicine ne-American Academy of Microbiology.
Ngeminye imininingwane, vakashela ku: https://royalsociety.org/news/2019/04/royal-society-announces-2019-fellows/
Amagama: ngu-Smita Maharaj
Isithombe: Sithunyelwe