
USisulu Wethule isiFundo sika-Dkt Phyllis Naidoo
Click here for English version
UNgqongqoshe wezangaPhandle nokuBambisana, uNksz Lindiwe Sisulu, wethule isifundo sesihlanu i-Dr Phyllis Naidoo Memorial Lecture e-Senate Chamber ophikweni lwase-Westville.
Emukela uSisulu nezihambeli, uSolwazi Deresh Ramjugernath oyiPhini LeSekelashansela KwezoCwaningo, uthe indlela iNyuvesi eyazisa ngayo imiqulu ka-Phyllis Naidoo igcinwe oPhikweni lwase-Westville oluyingxenye ye-Special Collections.
Inkulumo kaSisulu ithinte izihloko ezimqoka zezangaphandle ezibhekene neNingizimu Afrika. Ethinta i-Freedom Charter nohlaka lwenqubo yezangaphandle olwabekwa nguMengameli uMnz Nelson Mandela, uthe amalungelo abantu ayinsika yobudlelwano baleli namanye amazwe, kanti ukushumayela ivangeli lamalungelo abantu besifazane base-Afrika nasemhlabeni ngenye yezinto ezimqoka.
Ezihlokweni ezishisa ibuzi okuyi-Western Sahara ne-Palestine, uthe uSisulu: ‘Uma nje abantu base-Western Sahara nabase-Palestine bengakakhululeki, akekho okhululekile kithina.’
Iphikisa isinqumo sikahulumeni ka-Donald Trump ngelakwa-Israel lithuthela inhlokodolobha yalo e-Jerusalem, iNingizimu Afrika yahoxisa inxusa layo kwa-Israel, okuyisinqumo esithathwa njengesishube kunazo zonke kwezake zathathwa wuhulumeni endimeni yezindaba zomhlaba kusukela ngonyaka we-1994.
UNgqongqoshe ubalule ukuthi kumanje iNingizimu Afrika ishintshana ngesihlalo kwi-Security Council yeNhlangano yeziZwe kanti ifisa ukuthi igalelo layo lizwakale. Kumqoka kuyo ukuletha ukuthula e-Afrika. ‘Kuseqhulwini ukuqeda izimpi. Ngaphandle kokuthula, ngeke kube nentando yabantu, ngeke kube nantuthuko,’ kusho yena.
UNgqongqoshe nethimba lakhe, elinePhini likaNgqongqoshe u-Llewellyn Landers namaphini abaqondisi-jikelele bomNyango, lihlonywe imibuzo exukuza ugebhezi; ibuzwa yizethameli, okubalwa kuyo ilaka likahulumeni ngeLesotho, i-Venezuela nempicabadala yama-Rohingya nokwenzeka e-Sudan nase-Libya.
Indlu ibigcwele ichichima amanxusa amazwe omhlaba, abafundi, izisebenzi zaseNyuvesi, nezimenywa. Ithimba lomNyango lathi ukuhlala kancane lotha izivakashi sekuphothuliwe emcimbini.
USihlalo we-Advisory Board yase-Gandhi-Luthuli Documentation Centre, u-Advocate Zandile Qono-Reddy, wuye obeshayela uhlelo, wendlalela.
Lesi sifundo saminyaka yonke sivame ukuheha izikhulumi ezinohlonze, okuhlale kwenza esilandelayo silangazelelwe.
*Ingwazi eyayilwa nobandlululo, ummeli nombhali umufi uDkt Phyllis Naidoo wachonywa uphaphe lwegwalagwala i-Order of Luthuli ehloniswa wuMengameli Thabo Mbeki ngeqhaza lakhe emzabalazweni wenkululeko. Lo mfundi wakudala wase-University of Natal, wahlonishwa ngamajazi obudokotela e-University of Durban-Westville nase-Durban University of Technology. Waziwa ngegalelo lakhe emzabalazweni kanti washona mhla we-13 kuNhlangulana ngowezi-2013.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Albert Hirasen