
I-UKZN Ibambe Iqhaza Empilweni Yezingane
Click here for English version
Ukukhula ngokuphelele kwezingane yinto emqoka emphakathini njengoba izingane ziyikusasa eliqhakazile lesizwe esithuthukayo.
Iholwa yilombono, i-Research Flagship Programme yase-UKZN itshale izigidi zamarandi eziwu-2.5 ukuqala i-Optimal Child Growth and Development – Building Thriving Communities through Risk Reduction from impacts of Nutrition, Environment and Social Constructs (OrCHID).
Lolu hlelo luhlose ukusebenzisa uxhaxha lwezindlela zokulungisa isimo, okubalwa kuzo ezithinta ukudla namasu okudla kwalapha ekhaya, izinhlelo zokukhulisa izingane nezokusebenzisa izinhlelo zomakhalekhukhwini, ukusiza imiphakathi ikwazi ukuqonda ingozi ngokwezemvelo elengela kuyo bese ikwazi ukunciphisa leyo ngozi.
Ucwaningo olwenziwe emsebenzini we-OrCHID luzobheka izimo zasemakhaya ezithinta ezomsoco nezindlela zokukhulisa izingane, ikakhulukazi iqhaza likababa. Ngalamaqoqo abantu ocwaningo, kuzobhalwa incwadi yamaresiphi okudla okutshalwe kuleli, kucwaningwe iMoringa Olifera, enezithako ezenza ukudla kungonakali.
Umcwaningi omkhulu kwi-OrCHID nenhloko ye-Occupational and Environmental Health e-UKZN, uSolwazi Rajen Naidoo, uthe inhloso yabo ‘bekuwukuqonda kangcono izinto ezithinta ukukhula okuphelele kwengane, ikakhulu ezimweni zasekhaya noma ezokondla, imvelo nokudla’.
U-Naidoo, owudokotela nongoti kwezokwelapha ngemithi yemvelo, ukholwa wukuthi lezi zinto zithinta ukukhula kwengane ngomphumela wazo kwezokuphefumula.
Ngokomcwaningi omkhulu e-OrCHID neNhloko emNyangweni we-Biochemistry and Biology, uSolwazi Anil Chuturgoon, ziningi ezinto kusukela esizalweni kuye ebunganeni ezinomthelela ekukhuleni kwezingane emzimbeni nasengqondweni. ‘Phakathi kwalezi zinto kubalwa ingozi ngokwezemvelo, isimo somsoco sikanina nengane nezinkolelo zomphakathi emndenini nasekhaya,’ kusho u-Chuturgoon.
U-Naidoo uthe yintsha lendlela njengoba ngayo kubambisene imikhakha ehlukene ukuze kufezeke inhloso eyodwa yokuphucula impilo yezingane. ‘Ziningi izinto ezenzeka ezweni lonke ezigxile empilweni yezingane ezincane, ngokwezempilo nangokwezenhlalo,’ kusho yena. ‘Ubusha ocwaningweni lwethu wukuthi sihlanganisa imikhakha yezesayensi ehlukene, okubalwa kuyo nesayensi yezenhlalo, nemikhakha yezemizwa yezingane, ezokudla, ezofuzo nesayensi yezezemvelo, ukuqonda kangcono izinto eziningi ezithinta imiphumela yezingane,’ kusho u-Naidoo.
Kuleli thimba elixubile kubalwa kulo abacwaningi abakhulu abayisikhombisa beziKole ezinhlanu, emaKolishi womathathu eNyuvesi. Liholwa wu-Naidoo kanti limi kanje: uDkt Saloshni Naidoo (wase-Public Health Medicine), uSolwazi Anil Chuturgoon (wakwa-Medical Biochemistry), uSolwazi Prakash Jeena (wakwa-Paediatric Pulmonology), uDkt Lawrence Mubaiwa (wakwa-Paediatric Neurology), uDkt Maud Mthembu (wakwa-Humanities), uSolwazi Jane Kvalsig (wakwa-Paediatric Psychology), uMnu Nkosana Jafta (wakwa-Occupational and Environmental Health), uNks Christine Lahner (wakwa-Dietetics) noDkt Lisa Ramsay (wakwa-Environmental Science).
*Lolu ngolunye lwezinhlelo eziseqhulwini ukuxhaswa. I-Research Flagship Programme inezinhlelo ezincane okuyi-Social Cohesion, African Health, Big Data and Informatics ne-African Cities of the Future.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe yi-AstraZeneca