
Awezombusazwe Abhunge Ngenqubo Yezangaphandle
Click here for English version
I-School of Social Sciences (International and Public Affairs Cluster) ngokubambisana ne-Friedrich Ebert Stiftung South Africa luhlele inkulumo-mpikiswano esihloko sithi Amaqembu ePolikiti aseNingizimu Afrika abhekene noMhlaba ngoNyaka woKhetho: Ingxoxo egxile eNqubweni wokuDlelana namaZwe angaPhandle e-Garden Court Marine Parade Hotel eThekwini.
INhloko ye-International and Governance Relations kuMasipala waseThekwini, uMnu Eric Apelgren, wemukele izihambeli zosuku.
Enkulumweni yakhe, uMnu Lukhona Mnguni wase-UKZN e-Maurice Webb Race Relations Unit, nokunguye obelawula inkulumo-mpikiswano, ugxile ekubalulekeni kwenqubo yezangaphandle kubavoti baseNingizimu Afrika kanjalo nokuthi ithini imihlandlandlela yokhetho yamaqembu ahlukene ngalokhu. Uphinde wethula nombiko ogxile kwezithinta amazwe omhlaba ezimqoka kwelakuleli.
UMnguni uthe ukwehla kwesibalo sababhalisele ukuvota kukhomba ukuthi abantu sebeqala ukungayingeni indaba yezombusazwe nezinto zawo. Abantu ababebhalisele ukuvota ngaphambi kokhetho lwezi-2014 babengu-80.5% kodwa emva kokuphothulwa kokubhaliswa kulo nyaka, lesi sibalo sehlele ku-74.5%. Kukhona abantu abangu-9.2 million abavumelekile ukuvota kodwa abangabhalisile. Ikhomishani yokhetho, i-Independent Electoral Commission, ithe kulaba bantu abangabhalisile balinganiselwa ezigidini eziyisithupha, nokucishe kube ngu-61%, okuyintsha eneminyaka engaphansi kwamashumi amathathu ubudala.
‘Emiphakathini yethu udlame luyanda, lubhekiswe kwabancane nabadala ngendlela efanayo futhi lolu olubhekiswe kwabesifazane lulokhu lukhathaze njalo. Imiphakathi, izikhungo zemfundo ephakeme kanti kokunye nezinkampani bayaqhubeka baba nemibhikisho ekhombisa ngokusobala ukuthi sivame udlame,’ kusho uMnguni.
Uthe lezi zinselelo ezikhona ezweni zenza abantu bangazinaki ezezindaba zamazwe angaphandle. Wengeze ngokuthi izinkinga ezibhekene ne-Eskom ziyakubhebhezela lokhu ngoba zenza iNingizimu Afrika ingahehi kubatshali-mali bamazwe omhlaba.
‘Izakhamuzi ezibheke izisombululo ezinkingeni zazo ezikhona ezweni lazo kulula ukuthi zibone ukuthi asikho isidingo sokuthi uhulumeni anake izindaba zamazwe angaphandle. Isisho esithi “umuntu uqale abheke ekhaya kuqala” cishe yisona esibusa izakhamuzi ezibona ukuthi ukunaka ezezindaba zangaphandle wukuchitha imali futhi akubuyiseli ngalutho,’ kusho uMnguni.
‘Lesi simo sigqugquzelwa nayizinhlangano ezingaqondakali kahle ukuthi zenzani. Ukuze izwe libe yingxenye yemibuthano yamazwe omhlaba, izikhungo nezinhlangano lapho kubhungwa khona ngezindaba ezihlonhlobonhlobo kumele zithembeke kulabo abazibukayo.’
Owengamele ukhetho lwe-ANC, oyiMenenja-Jikelele, uNkk Fébé Potgieter-Gqubule, uthe kumele kuvuselelwe uhlelo lokuqeqesha abantu ngezindaba zangaphandle, kuthathwe abantu emanyuvesi kubhekwe ukuthi bangasebenza kanjani emkhakheni weziNdaba zangaPhandle nokuzoba yithuba lokwethula intsha.
Okhulumela i-DA ezindabeni zangaphandle, uNksz Sandy Kalyan, uthe isithunzi seNingizimu Afrika simoshakele emazweni angaphandle ngoba inkohlakalo nokungaphathi ngendlela kudlangile ezindlini zamanxusa akuleli.
‘Amanxusa acabanga ukuthi anamandla ngenxa yegunya likashwele lawo kodwa awusebenzi ushwele uma bebhekene necala lokushayela bephuzile nawokuhlukumeza ngokocansi,’ kusho yena.
Amagama: nguMelissa Mungroo noCarien du Plessis
Izithombe: Lubna Nadvi; Kulani Mashele noSiphiwe Emacous Moyo