
Ucwaningo Lobudokotela Lugqugquzele Umkhankaso Wezenhlanzeko Yabesifazane
Click here for English version
Ngenkathi ematasa enza ucwaningo ngokufuduka kwezinsingizi KwaZulu-Natali, umfundi wezifundo zobudokotela waqaphela ukuntuleka kwezindlu ezincane nokokwezenhlanzeko yabesifazane ezikoleni nasemakhaya, okwamkhuthaza ukuthi aqale umkhankaso wokusiza abantu besifazane abancane baseNingizimu Afrika.
Igama lakhe wu-Dkt Yvette Ehlers Smith we-Department of Science and Technology (DST) – National Research Foundation (NRF) Centre in Indigenous Knowledge Systems (CIKS) ne-School of Life Sciences.
U-Ehlers Smith ubeye kwi-National Geographic Explorers Festival ebise-London mhla wesi-7 kuya mhla we-12 kuNhlolanja. Kulo mgubho abebambe iqhaza kuwo bathole ithuba lokuhlangana nozakwabo babamba iqhaza kwi-Science-telling Boot camp, bagabisa ngemisebenzi yabo esigcawini balalela ongoti abahlonishwayo. Abacwaningi bacijwe ngokuthi bawusabalalisa kanjani umsebenzi wabo, baxhumane kanjani nozakwabo baseYurophu nase-Afrika nokuthi bayethule kanjani imisebenzi yabo.
Abebebambe iqhaza balalele ongoti ngezinto ezintsha, bezwa ngemibono emisha nangezixazululo ezidingeka ukwakha umhlaba ongaxabani.
U-Ehlers Smith ubethathe lolu hambo njengesimenywa se-National Geographic exhase ucwaningo lwakhe ngezinsingizi ezihlala ngaphandle kwezindawo ezivikelwe KwaZulu-Natali. Umsebenzi wakhe ugxile kokuthinta iqhaza labantu nokuthi izinkolelo zikuthinta kanjani ukuphila kwalezi zinyoni ezindaweni ezitholakala kuzo, waphinde wabheka nokuhamba kwezinsingizi esebenzisa ubuchwepheshe bezipopolo ukubheka ukuthi ziphila kanjani ezindaweni ezigcwele abantu.
Bathathu abanye abafundi abenza iziqu zobudokotela kulo mkhakha abakhona kulolu cwaningo, kanti bangoNksz Thobeka Gumede, uNksz Samke Ngcobo, noNksz Mbalenhle Sosibo.
Kubuye kwavela engqungqutheleni ukuthi ngenkathi u-Ehlers Smith enza ucwaningo ngezinsingizi nabantu basezindaweni zasemakhaya, wacacelwa enye into; okuwukusweleka kwezindlu ezincane nezenhlanzeko yabesifazane ezikoleni nasemakhaya awavakashela.
Wabuza abantu besifazane namantombazane bendawo ukuthi benzenjani uma besesikhathini njengoba bengenayo indlela yokulahla okwezenhlanzeko yabesifazane osekusebenzile.
Ngenxa yokubona isidingo sokwezenhlanzeko yabesifazane okusebenziseka kaningi nokwangaphansi kwabesifazane okusha, u-Ehlers Smith wethula umkhankaso we-Safe & San ngenkathi eqhubeka nocwaningo ayevele elwenza ngezinsingizi.
Ngalo mbhidlango ukwazile ukucela iminikelo yezenhlanzeko yabesifazane eziphinde zisebenziseke nezimpahla zangaphansi ezintsha ngethemba lokuthi abantu besifazane basemakhaya bayogcina bekwazi ukuzenzela okwabo, babe namabhizinisi enza lo msebenzi.
U-Ehlers Smith uhlela ukuphindela emiphakathini ethinteka ocwaningweni lakhe ukuzwa imibono yayo ngocwaningo lwakhe kepha futhi nangezimpahla ezinikeliwe.
Kulabo abafisa ukunikela, u-Ehlers Smith uhlele amabhokisi ophikweni lwaseMgungundlovu lwase-UKZN kanti futhi iminikelo ingathunyelwa kuSolwazi Coleen Downs, uSihlalo we-South African Research in Ecosystem Health and Biodiversity in KwaZulu-Natal and the Eastern Cape, enamahhovisi kulolu phiko.
Olunye ucwaningo olwenziwa u-Ehlers Smith lwalugxile emandleni okusebenza komhlaba ekongiweni kwemvelo, ikakhulukazi ezilwaneni. Wavela ohlelweni lwethelevishini i-50/50 ekhuluma ngempunzi eluhlaza okusasibhakabhaka njengoba yayiphatheka ocwaningweni lwakhe lwezifundo zobudokotela kanti unethemba lokuthi umsebenzi wakhe uzogqugquzela abanye abantu ukuthi balondoloze lezi zindawo ezingandile okuhlala kuzo indathane yezinhlobo zezinyoni.
Umbhali: nguChristine Cuénod
Izithombe: Zithunyelwe nguMbalenhle Sosibo noYvette Ehlers Smith