
Isiqengqe SikaMatikuletsheni Sangonyaka wezi-2018 Sikhethe i-UKZN
Click here for English version
UNksz Amanda Dube (oneminyaka eyi-17), ophase izifundo eziyisithupha ngamalengiso kumatikuletsheni nobefunda eSiyabonga Secondary School eMlazi eThekwini, usebhalise e-UKZN, ebhalisela iziqu i-Bachelor of Commerce eKolishi Lezifundo Zomthetho Nezokuphatha.
UNksz Dube uthi wuthando lwakhe lwezinombolo olumenze wakhetha lezi zifundo. ‘Ukuhlelwa Kwamabhuku Ezimali yisifundo engisithanda kakhulu kanti ngijabule kakhulu ngokuthola ithuba lokufundela iziqu ezihlonishwayo emhlabeni esikhungweni esihle njenge-UKZN edume ngokushaya into ecokeme kwezemfundo. Ngiyathemba ukuthi izofeza isifiso sami sokuba yi-CA.’
Imiphumela yakhe emihle kamatikuletsheni, okubalwa nokuthola u-100% Kwezokuhlelwa Kwamabhuku Ezimali, kwenze wahlomula ngendebe yomfundi ovelele kulesi sifundo KwaZulu-Natali, okuyi-Top Accounting Learner Award, wathola umfundaze iThuthuka wase-South African Institute of Chartered Accountants (e-SAICA).
UMnu Robert Zwane, isikhulu sase-SAICA esibhekele imiSebenzi kaZwelonke, uthe: ‘Esinye sezizathu i-SAICA inezinhlelo ezehlukene, njengokuvakashela izikole, amakhempu okucija, phecelezi ama-Development Camps esifundazwe kanye noMqhudelwano Wokuhlelwa Kwamabhuku Ezimali minyaka yonke wukutshala uthando lwezibalo noKuhlelwa Kwamabhuku Ezimali entsheni yaseNingizimu Afrika.’
‘Kolunye lwezinhlelo ezinjalo, u-Amanda waba nenhlanhla yokuhlangana mathupha ne-SAICA wazizwela ukuthi kuyini ukuba yi-CA, kanti siyajabula ukuzwa ukuthi uzokwenza intandokazi yesifundo sakhe, Ukuhlelwa Kwamabhuku Ezimali, esikhungweni semfundo ephakeme njengoba ezokwenza iziqu i-BCom (Ukuhlelwa Kwamabhuku Ezimali) e-UKZN kulo nyaka.’
UNksz Dube uthe: ‘Njengoba izinto ezinje zingavamile ukungehlela, angikholwa kanti ungathi kukhona osazongivusa athi ngiyaphupha. Kodwa-ke ngijabula kakhulu ukuthi sengivuna izithelo zokusebenza ngokuzikhandla nokuthi ngikwazile ukwenza umama aziqhenye ngami.’
Uzibheke ngamehlo abomvu izinselelo ezintsha, nokuthola abangani abasha nokusebenza ngokuzikhandla ukufeza isifiso sokuthola iziqu zakhe ngesikhathi esinqunyiwe.
Amagama: nguLungile Ngubelanga
Isithombe: Sithunyelwe