Abasubathi Base-UKZN Bavivele i-Comrades Marathon
Click here for English version
Isisho esithi ‘unyawo alunampumulo’ lugcwalisekile kwi-UKZN Athletics Club eqale kahle ngomjaho wokuzicijela i-Comrades Marathon, egijinywe ngabasubathi abevile kuma-200.
Lo mjaho, ebiwuhlanganyele nePhantane Athletics Club emabangeni angamakhilomitha angama-50 nangama-60, bekungowabo bonke abagijimi.
Amalungu e-UKZN Athletics Club abezicijela i-Comrades ngesikhathi sikaKhisimusi nangaphambi kwalokho.
Lo mjaho ulungele ukuzicijela i-Comrades ngokomzimba nangokomqondo kanti uqale esikhungweni sase-Howard College, wanqamula e-Mayville ngo-Jan Smuts Highway, walandela umzila womjaho i-Comrades ukusuka e-Sherwood, wabheka e-Cato Ridge wase uphelela Ethembeni School, isikole sezingane ezikhubazekile nezingaboni.
UMnu Sanele Mbambo, uSihlalo we-UKZN Athletics Club owenza iziqu zobudokotela kweze-Regional Planning nonguthisha oyitoho eNyuvesi, uthe: ‘Ukuze ulungele i-Comrades, kubalulekile ukugijima umjaho owodwa ongamakhilomitha angama-60. Inhloso yalo mjaho ukwenza abagijimi, ikakhulu abaqalayo, balungele i-Comrades ngokomzimba nangokomqondo ngenxa yokuthi ngisho ungakulungela kangakanani ukugijima ngokomzimba kodwa uma ungakulungele ngokomqondo, ngeke ulunge. Umzimba womuntu ukwazi ukugijima amakhilomitha awu-60 (ngokwebanga). Emva kwalokho, umuntu usuke esedinga ukuqhutshwa wumqondo wakhe ngoba umzimba usuke usunqaba. Kulo nyaka, umjaho ungamakhilomitha angama-87 kanti wumjaho onyukayo, ngakho abagijimi kufanele bazilungiselele.’
UMbambo, ochaze lo mjaho wokuzicija ‘njengempumelelo enkulu’, uthe bonke abagijimi base-UKZN bawaqedile amabanga abo, okuwuphawu lokuthi amalungiselelo abo okuzicija aqhubeka kahle. Uqhube wathi nakuba lokhu kuyizindaba ezimnandi, ithimba lizoqhubeka nokuzicija ngokuzikhandla ukuze liphucule imiphumela yangonyaka odlule.
‘Umphumela wabagijimi base-UKZN behlangene ube muhle kanti izinkomba zithi bazokwenza kangcono kwi-Comrades Marathon yangonyaka wezi-2019’ kusho yena. ‘Sithola izindaba ezinhle nxa zonke. Sizosiza abagijimi bethu ukuthi bathole imiphumela emihle yokulungiselela ukugijima i-Comrades ngaphambi komjaho omkhulu.
‘Sizogxila emijahweni yamabanga amade ukuqinisekisa ukuthi abagijimi bakwazi ukugijima amabanga amade okuzobasiza bagijime kahle ngelanga lomjaho’ kusho uMbambo, ozwakalise ukwesasa ukuthi ukusubatha e-UKZN kudlondlobele eminyakeni emithathu edlule.
Ubonge uMqeqeshi we-UKZN Athletics Club, uMnu Mduduzi Khumalo, ngeqhaza lakhe empumelelweni yalo mjaho wokulungiselela i-Comrades nangeqhaza lakhe lothuthukisa imijaho e-UKZN. ‘Sibonga siyanconcoza kwiPhantane Athletics Club nabaxhasi ngegalelo labo empumelelweni yomjaho. Cishe bonke (abaxhasi) bangabagijimi kanti siyakubonga lokhu.’
‘Ngifisa ukukhuthaza izisebenzi nabafundi baseNyuvesi ukuthi bajoyine i-Athletics Club njengoba ukugijima kwenza umuntu abe nempilo aphaphame. Sifisa ukukhulisa imijaho e-UKZN njengoba sesibhalise i-UKZN 10km Campus to Campus Challenge yokuqala ngqa, ezoba mhla wama-28 kuNtulikazi kanti lapho silindele izisebenzi nabafundi basenyuvesi ngothi lwabo,’ kusho uMbambo.
Abagijimi baphinde banikela ngezingubo kubafundi base-Ethembeni School.
Amagama: nguSinegugu Ndlovu
Izithombe: nguSibusiso Hlongwa