
Uvulwe Ngokuyimpumelelo Umcimbi I-Time of the Writer wama-21
Click here for the English version
Umcimbi wababhali i-21st Time of the Writer (12 – 17 kuNdasa), ohlelwe yi- UKZN’s Centre for Creative Arts (CCA) eseKolishi LezesiNtu uvulwe ngempumelelo e-Elizabeth Sneddon Theatre.
Umcimbi wokuvula ubuhanjelwe ababhali base-Afrika abayi-16 abahlangene isonto benezingxoxo ngezokubhala, babelana ngamasu ngaphansi kwesihloko esithi i-Changing the Narrative.
OyiPhini likaSekelashansela neNhloko YeKolishi LezesiNtu eyibamba uSolwazi Stephen Mutula uthe, ‘Lo mcimbi ulandela ukuqokwa kweTheku njengedolobha eliyi - UNESCO City of Literature! Lokhu kuyinto okungagcini nje abantu baseThekwini ukuziqhenya ngakho kodwa nezwekazi lonke lase-Afrika.
Uthe lo mcimbi ufike ngesikhathi esihle eningizimu Afrika nasemhlabeni ngoba kugujwa i- Nelson Mandela Centennial, uphinde wathi uMandela wayekubona ukubaluleka kwezamasiko nezokubhala emhlabeni jikelele.
‘Ngalo mcimbi i-UKZN ineqhaza ekugqugquzelweni kwentuthuko eholwa ubu-Afrika ngokuhlanganisa ababhali abay-16 abaphambili ukuze babambe izingxoxo, babelane ngamasiko kanye nokuguqula okuxoxwa ngakho,’ kusho uMutula.
Obemele umasipala waseThekwini uNks Tebogo Mzizi uthe, ‘Sizoqhubeka nokusebenzisana ne-CCA e-UKZN. Siyaziqhenya ngalo mcimbi. Imitapo yolwazi iwumgogodla wemiphakathi futhi ngaleli qoqo lababhali abaphambili sizokwazi ukuxhumana nomphakathi siwugqugquzele ukuthi uxoxe ngezindaba zethu zase-Afrika.’
Ekhuluma emcimbini wokuvula, umbhali wezincwadi zezingane nobebambe iqhaza emgubhweni uNks Refiloe Moahloli uthe wayekade enesifiso sokuba umbhali futhi uthokoze kakhulu ukuba yingxenye –Time of the Writer. ‘Ngithokoze kakhulu ukuba yingxenye yalomgubho. Lokhu ngikubona njengethuba lokukhuluma ngodaba lokulingana ngokobulili, ikakhulukazi eminyakeni ephansi yobudala bezingane futhi kusetshenziswa izincwadi ezibhalelwe zona. Ngifuna ukwenza umehluko futhi ngisebenzise izincwadi zami ukuze ngenze lokho.’
UMoahloli ukhuthaze nezethameli ukuthi ziseke ababhali basekhaya futhi kugqugquzelwe ukufunda nokubhala eminyakeni yobudala ephansi. ‘Kumele sixoxe izindaba zethu,’ usho kanje.
Eluleka ababhali abasafufusa, uMnu Luka Mwango, ongumbhali nosozinkondlo, uthe, ‘Izinto azenzeki kumbhali, izinto zenzekela umbhali. Zonke izithiyo, izinselelo nokuvimbayo kuyizinto ongazisebenzisa emsebenzini wakho. Njengombhali, zihluphe ngomqondo ocashile. Kuwukudla kwakho kwamihlayonke. Uma usubambe lelo khono abafundi kuyoba nzima ukuthi babeke phansi incwadi yakho umo beqalile bayifunda.’
‘Ngeke ngiqinisekise ukuthi uzothola izindondo, wenze imali noma abantu bazowuthanda umsebenzi wakho, kodwa izindaba zakho ziyofundwa ziqedwe. Futhi ngalesi sikhathi lapho abantu bephuthuma bengenaso isikhathi, ayikho into ejabulisa umbhali njengabantu abaqeda ukufunda incwadi yakho.’
Isonto lonke lomgubho ebelinokuningi okwenzekayo lenze abebethamele baxhumana nababhali ngokobungoti nokwemibono eyakha indlela ababhala ngayo. Ngaphezu kwemicimbi yasebusuku, bekuneminye imisebenzi ebeyenzeka emini ehlanganisa ukwethulwa kwezincwadi, imihlangano yokwabelana ngolwazi kanye nokuqeqeshwa obekugqugquzela isiko lokubhala, ukufunda nobuciko
Uhlelo lwasemini belunezinhlelo ebezibanjelwe emitapweni yolwazi emine esemiphakathini (Austerville, Westville, Chesterville Extension nasoThongathi). ‘Lokhu kuxhumene nempokophelo ye-UKZN yokuxhumana nemiphakathi ngokuzihlanganisa nayo kanye nokuzibophezela kuyo, sisebenzisana nayo ngendlela ewusizo kuyo futhi ebenza basihloniphe, basithande futhi basethembe,’ kusho uMutula.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: ngu-Charles Dlamini