
Ukuhola Isizukulwane Sama-Selfie
Click here for the English version
Umfundi wase-UKZN wonyaka wesi-4 weziqu zokwelapha uMnu Tumisang Malete usanda kushicilela incwadi ayichaza njengeyokuqala kweziningi zakhe ezimayelana nobuholi. Incwadi esihloko esithi Leading in a Selfie Generation yethulwe ngokusemthethweni mhla zingama-24 kuNhlolanja futhi isiyatholakala kulesi sizindalwazi, www.leadinginaselfiegeneration.co.za
UMalete, odabuka e-Pitoli, uzibiza ngomholi ‘ongalindelekile’. Uhambo lwakhe lobuholi lwaqala esaneminyaka eyi-12 lapho aqala khona ukubamba iqhaza kwezobuholi ezinhlanganweni ezihlukene. Uphinde waba umholi ebambe izikhundla ezihlukene e-UKZN okuhlanganisa nokuba uNobhala Jikelele WoMkhandlu Wabafundi Bezokwelapha unezindondo ze- Golden Key, Peer Educator Newcomer of the year ne-Peer Educator of the year. UMalete uyingxenye yabasunguli bezinkampani ezimbili.
‘Ngiyabuthanda ubuholi futhi ngiyakholelwa ekuthuthukisweni asebephambili nabaholi abasebenzela abantu. Awukwazi ukukhuluma ngobuholi ungayiphathi eyokuba umthelela owumkhombandlela. Ukukhombindlela kungumgomgodla wobuholi okumele wonke umholi ozimisele ngokubeka induku ebandla akwazi kahle. Kulesi sikhathi sama-selfie, umuntu ngeke athathe kancane amandla ezinkundla zokuxhumana,’ kusho uMalete.
‘Ukuhola isizukulwane sama-selfie yincwadi ehlose ukubeka kabanzi ngeqhaza lezinkundla zokuxhumana kwezobuholi. Noma yimuphi umuntu ofuna ukuba umholi kumele aqonde kabanzi ukuthi izinkundla zokuxhumana ziyingosi nje futhi kusanesidingo sokudlulela ngale kwazo ukuze umuntu abe neqhaza elibonakalayo,’ kuchaza uMalete.
Incwadi futhi ihlose, ngokwenza nenjulalwazi, ukuguqula indlela umfundi abuka ngayo ubuholi kulesi sizukulwane samanje. Inezihlokongqangi ezine okuyi- biosketch okungumbono obheka okuyi-140 ngomuntu, umuntu kuqobo lwakhe, ukubheka ngale kwabalandeli nabangani kanye nokubheka ngale kuka-hashtag.
Owayengumfundi wase-Pretoria Boy’s High, uMalete uthemba ukuthi uzoqhubeka nokuthuthukisa ikhono lakhe lokubhala nobuholi kanye nokusungula uhlelo lobuholi. Unethemba futhi lokuqhubeka abe nemthelela emphakathini waseNyuvesi nasemphakathini wangakubo.
‘Siwumndeni wabayisihlanu onobaba, umama wami nabantwana bakwethu ababili. Udadewabo kababa ungumlandeli wami omkhulu kanye nabazali bami. Ngikholwa ukuthi ngazalelwa ukwenza umehluko. Nginentshisekelo enkulu ngokuthuthukisa abantu okuyinto engumongo wendaba yami engiyisebenzisa ukudlulisa imicabango yami ngokubhala,’ kuphawula uMalete.
IDini EyiNhloko YeSikole KwezoKwelapha, uSolwazi Ncoza Dlova uthokoze kakhulu ngokuzwa ngencwadi kaMalete. Uthe, ‘Ekuxhumaneni kwami kafushane nabafundi bezokwelapha nomabhalane abakhulu, ngithathekile yithalente elikozakwethu. Ngihlangane nababhali, amaciko, abaholi, abadlali be-violin, abadlali besiginci, abadlali bopiyano, abaculi, osomabhizinisi, izifundiswa, abaqeqeqeshi njll. Ngokwesikhundla sami njengeDini kuyisifiso sami ukwesekela lonke ithalente elingahlangene nezokufunda. Ngifisa ukumhalalisela uTumisang futhi nginifisela okuhle kukho konke azokwenza ngomuso.’
Words: Ngu-MaryAnn Francis