
Uhlelo Lokwesekwa Kwabafundi Abangomama e-UKZN
Click here for the English version
Abafundi abaqeqeshelwa umsebenzi eKolishi YezoLimo, EzobuNjiniyela NezeSayensi (CAES) eMnyangweni Wezokwesekwa Kwabafundi (SSS) baqale uhlelo olusha oluhlinzeka abafundi abangomama ngengosi yokudingida izinselelo abahlangabezana nazo ezimpilweni zabo njengoba bengabafundi futhi bengomama.
Owayengumfundi oqeqeshelwa umsebenzi emnyangweni we-CAES SSS uNkz Wendy Corfe wethule leli qembu elibhekana nesidingo somama abafundayo futhi babe abazali kubantwana babo.
U-Corfe ukhuthazeke ukuthi aqale leli qembu lokwesekana emva kokubuyela eNyuvesi ezoqedela izifundo zakhe ze-onazi esengumfundi okhulile onabantwana abathathu. Waxhumana nongumfundi weziqu zemastazi kwezesifundongqondo uNkz Ms Cebisile Kubheka, ongumama naye, bobabili baqale ucwaningo ngokwezimo abafundi abangomama ababhekana nazo e-UKZN.
Ucwaningo luka-Corfe lukhomba ukuthi kunabafundi abalinganiselwa emaphesentini ayi-15% abakhulelwa ngokungenhloso, lapho umsebenzi omningi wokukhuliswa komntwana uthwalwa umama, naye osuke engaphethwe kahle ngenxa yokukhulelwa ngaphandle komshado. Ingcindezi yalokhu iba nomthelela ongemuhle emqodweni womfundi futhi kuvule nethuba lokuthi umfundi ashiye izifundo zakhe.
‘Ngesikhathi benza ucwaningo ngabafundi abanabantwana, u-Corfe noKubheka babona isidingo sokuqala lengosi ngenkathi ababambe iqhaza becela ukuthi kubanjwe eminye imihlangano njalo, lokhu kwakuwumphumela wokubona ukuthi ukuxoxa ngezinkinga zabo kwakunosizo olukhulu.
‘Simangazwe ukuzimisela nogqozi olukhonjiswe abafundi nayizinselelo ababhekene nazo ezingxenyeni ezihlukene zezimpilo zabo,’ kusho u-Corfe.
Imihlangano yeqembu iqale ngenkathi u-Corfe esaqeqeshelwa umsebenzi emnyangweni we-CAES SSS, uthe ‘lendawo yayifanelekile kakhulu ukuthi isungule futhi ilawule leli qembu lokwesekana okwakubangelwa ukuba khona kwabaluleki babafundi abebeseka lo msebenzi’.
U-Corfe kwafaneleka ukuthi ahlukanise omama abahlala nabantwana babo kanye nalabo abangahlali nabantwana babo, okwenze ukuthi izihloko ekuxoxwa zihlukaniswe ukuze zihambisane nezinselelo ababhekana nazo njengamaqembu ngokuhlukana kwawo.
Kwaba khona abahehekayo ababamba iqhaza njalo ngenxa yezikhangiso ezazisabalele eNyuvesi kanye nokuthunyelwa kwabafundi abanesidingo abaluleki babo.
Iqembu lihlangana wonke amasonto lapho iqembu lokuqala lihlangana izikhathi eziyisishiyagalolunye futhi liphinde lihlele izihloko okuzoxoxwa ngazo, lisebenze njengeqembu lontanga elesekayo kunelengxubekwelapha. Ukwabelana ngolwazi, ukwesekana ngokwemizwa, ukwamukelwa abanye omama, nokuxoxa ngezimo asebebhekane nazo ukuze nabanye baqonde kangcono izimo ababhekene nazo, futhi ingosi iphenduke yaba umhlangano onesasasa kubafundi obuhlale ulindeleke kakhulu kubafundi ngawo wonke amasonto.
Ababebambe iqhaza bathi bazizwe begqugquzelekile, benokuzethemba, benesasasa sebezibona behloniphekile futhi bamukela isimo ababhekene naso. Baphinde babalula ukusebenza kangcono ezifundweni zabo, ukubhekana nesimo ngokwengqondo nokusebenzisa abeluleki ngokunciphile kunakuqala.
U-Corfe uqedela izifundo zakhe zemastazi, kanti uNkz Cebisa Nkatu we-CAES SSS uyaqhubeka nokuhlela umsebenzi weqembu elekelelwa umeluleki wakhe wezokufunda. Leli qembu lihlanganisa nezindlela eziyingxubekwelapha njengokudweba, ukuba umzali, ukuzinza ngokujulile kanye nokunye.
‘Nginethemba lokuthi abe-SSS kwamanye amakolishi azogqugquzeleka ukuthi asungule amaqembu afanayo futhi azokhuthaza abafundi abangomama ukuthi babambe iqhaza ukuze kuthuthuke ukusebenza kwawo,’ kusho u-Corfe.
* Iqembu lihlangana njalo ngoLwesihlanu nge-9.30 AM. Uma udinga eminye imininingwane noma ufisa ukujoyina ungathintana noNkatu ngocingo ku-033 260 6550 noma i-imeyili: nkatuc@ukzn.ac.za
Amagama: ngu-Christine Cuénod