I-CCS Ikhangise Ngefilimu Engempilo Yabafundi Abansundu EmaNyuvesi ase-SA
Click here for English version
Isikhungo Sezomphakathi (CCS) esingaphansi kweSikole Sezifundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo kanye Nentuthuko sisanda kukhangisa ngefilimu engabafundi i- Ready or Not! Black Students’ Experiences of South African Universities.
Le filimu emfishane ikhombisa ngokuyizinselelo abafundi abahlangabezana nazo eNyuvesi njengezimali, ukucwaswa ngokobuhlanga, ukuzizwa ungamukelekile, ulimi, indlala, kanye nezinkinga zokuzazi njengokuba owesifazane, i-LGBTI, okanye “ukukhululeka kakhulu”.
Izindaba okukhulunywa ngazo kule filimu zikwenza uqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba sohlelweni lweNyuvesi yaseNingizimu Afrika lokufinyelela, ukuqala, ukuhlala, ukuqhubeka, ukuma, ukushiya, ukubuya, ukuqedela, ukuthola iziqu kanye nokusebenza.
Ifilimu yenzeke ngenxa yemiphumela esemqoka yocwaningo lweminyaka emihlanu elahlanganiswa lenziwa incwadi esihloko esithi Studying while black: race, education and emancipation in South African universities.
Le ncwadi ibhalwe ngokubambisana yiDini EyiNhloko yeSikolo uSolwazi Ernest Khalema kanye noSolwazi Relebohile Moletsane weSikole Sezemfundo e-UKZN kanye neSikhungo sezoCwaningo Olubucayi kanye nethimba elivela kuMkhandlu Wenhlalosintu nezoCwaningo (HSRC).
Incwadi ihlaziya inqubekela phambili ekusetshenzisweni kwezincomo zombiko we-Soudien; ukumelwa abezindaba kwabafundi kanye nezikhungo zeMfundo Ephakeme; kanye nabafundi abaqala emaNyuvesi eNingizimu Afrika.
‘Ngemuva kokukhetha iqenjana labafundi abavela emaNyuvesi ayisishiyagalombili eNingizimu Afrika, silandele uhambo lwabafundi eNyuvesi (kwesinye esikhathi ngaphandle), sibabuza ngezinselelo kanye namathuba abafundi abahlangabezane nawo, kanye nabekade bekwenza nezikhungo zabo ukulungisa, ikakhulukazi ngenxa yomkhankaso we-#FeesMustFall ngabafundi,’ kusho uKhalema.
Sathi uma singena onyakeni wesithathu wocwaningo ngonyaka wezi-2015, ukuqala kwemibhikisho yabafundi kwenza kunakwe izindaba eziningi kuzwelonke esase sizizwile ngazo kubafundi ababebambe iqhaza kulolucwaningo. Eminyakeni edlule yocwaningo sezwa kubafundi ababeyizishoshovu kule mizabalazo yokuletha inguquko kanye nalaba ababengezi lutho.’
Ifilimu yaboniswa e-CCS, yaholela ezingxoxweni ezivuthayo phakathi kohola iphrojekthi noqophayo, uDkt Alude Mahali (HSRC), abafundi, uKhalema, kanye nezithameli ezinomdlandla.
‘Ukusebenza kwe- Ready or Not! kulele ekutheni ifilimu iyakwazi na ukubonisa abafundi, abazali, othisha, iminyango kahulumeni, abenza izinqubomgomo, abadidiyeli baseNyuvesi kanye nezikhungo zezenkolo izindlela ezahlukene zokusebenza ezinemiphumela ehlukile. Ifilimu libuza ngezinqubomgomo kwezemfundo kanye nemisebenzi, iphinde iveza ukuphumelela kwentsha eyakwazi ukunqoba izinkinga,’ kusho uMahali.
Ingxoxo enkulu ibe isigxila kumzabalazo we-FeesMustFall kanye nezimpilo zabafundi basenyuvesi.
‘Eminyakeni emibalwa eyedlule, abafundi, abasebenzi kanye nohulumeni bebeyingxenye yomzabalazo wokuguqula izikhungo zeMfundo Ephakeme eNingizimu Afrika. Naphezu kwesimemezelo esisanda kuphuma semfundo yamahhala enyuvesi kubafundi abangakabi neziqu, iseyinde futhi inzima indlela yokuguqula izimpilo zabafundi kanye nezinga lokuphumelela emaNyuvesi.
Ifilimu i-Ready or Not! Liyatholakala ku-YouTube: https://youtu.be/hFcouu8ICfk
Amagama kanye nesithombe: nguMelissa Mungroo