
I-"Waste to Art" Yethula Umbono Wekusasa Elizinzile
Click here for English version
INyuvesi yaKwaZulu-Natali ibambe umbukiso wezemfashini ohlukile kuneminye onesihloko esithi Kusuka Emfucuzeni Kuya Ebucikweni, phecelezi "Waste to Art" e-KZNSA Art Gallery kuLwezi.
Onjiniyela abavamile ukumatanyiswa nezemfashini zeqophelo eliphezulu, kodwa bekunjalo impela njengoba abafundi abasebasha bezifundo zezobuNjiniyela e-UKZN bebenyathela phezulu enkundleni yezengqephu. Bebegqoke izingubo zikanokusho ezenziwe ngokuhambelana nemvelo okwakhiwe ngemfucuza esetshenziswe kabusha ezenziwe abafundi bezokusikwa kwengqephu abenza unyaka wokugcina e-Durban University of Technology (DUT).
Kulokho kukhushuzela kwezikhwama zopulastiki nokuheshezela kwamasaka, abakhangisi bengqephu abebethakase kakhulu bakhombise kahle ukuthi ingaba sesitayeleni kanjani “imfucuza”.
I-"Waste to Art” Njengendlela Yokuthuthukisa Umphakathi” yicebo likaSolwazi Cristina Trois, uSihlalo wezokuCwaninga eNingizimu Afrika osanda kuqokwa (SARChI) ezeMfucuza Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu e-UKZN.
U-Trois unentshisekelo enkulu ngokuthola izisombululo ezintsha zokuphathwa kwemfucuza ukuze kuncishiswe umthelela wokuguquguquka kwesimo sezulu nokuqinisekisa ukuthi ikusasa elinozinzo emhlabeni.
"Lo mcimbi uhlinzeke ngethuba lokubonisa amathalente okudweba ingqephu kuleli kanye namacebo obuciko bokuguqula imfucuza ibe yizindlela zokungenisa imali," kusho u-Trois. Uthe lo mcimbi uphinde wahlinzeka ngenkundla yokuxhumana phakathi kwababambiqhaza bakuleli nabangaphandle emkhakheni wezemfucuza nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Okunye okuye kwaba ngokuvelele kulobu busuku kubandakanye, ukubukisa ngezingubo zemfashini ezenziwe ngezimpahla esezisetshenzisiwe ngabafundi beBanga le-10 base-Maris Stella abathola ukukhuthazeka lapho bebona indikimba ye-Vodacom Durban July 2018 eyayithi sekuYisikhathi, phecelezi "It is Time".
U-Angela Shaw we-KZNSA Art Gallery uthe umsebenzi wobuciko osuselwa emfucuzeni owenziwe ngabasiki bengqephu bakuleli no-Robin Opperman weMcebo design house, banikele ngomdwebo othathekisayo wemisebe ye-black manta eyenziwe ngamapulasyiki yemisindo emnyama emanta eyenziwe ngamaplastiki, amabhodlela kanye nowaya.
I-"Waste to Art" yaqhutshwa ngokubambisana nomhlangano wokuqeqeshwa wezomhlaba kanye nesikole sasehlobo mayelana Nokuphathwa Kwemfucuza njengeNsiza, owenziwa mhla zingama-26-30 kuLwezi e-UKZN ngaphansi koxhaso lukaSihlalo we-UKZN SARChI kweziMfucuza Nokuguquqguquka Kwesimo Sezulu, i-UKZN Extended Learning, isiKhungo sikaZwelonke Sokuthuthukiswa Kwezamandla Kagesi eNingizimu Afrika (SANEDI) kanye ne-International Waste Working Group (IWWG).
Izihloko okugxilwe kuzo esikoleni sasehlobo zihlanganisa ukungcola njengenkinga kanye nomthelela wako ekuguquguqukeni kwesimo sezulu, imvelo nomphakathi; imfucuza njengensiza; amasu okuhlukanisa imfucuza; izinhlelo ezididiyelwe zokuphathwa kwemfucuza kanye nokuphathwa kwemfucuza yezimboni kanye neyemvelo; izindlela zokuphatha imfucuza njengethuluzi lokwenza izinqumo komasipala; ukuphathwa kwemfucuza emazweni asathuthuka; kanye nezifundo ezitholakala emisebenzini yokuphathwa kwemfucuza. Isikole sasehlobo kwezemfucuza nokuguquguquka kwesimo sezulu sibhekiswe kwabasebenza kulo mkhakha, abaphathi bemfucuza nabalawuli, ochwepheshe, izinkampani ezisemkhakheni wemfucuza kanye nabafundi abaqhuba izifundo zabo ezikoleni zemfundo ephakeme.
Amazwi nezithombe: Sally Frost