.jpg)
Osomabhizinisi Abayisishiyagalolunye Bahlonishwe Ohlelweni Lwe-Business School Champions
Click here for English version
Uhlelo Lokuthuthukiswa Komnotho Wendawo olungaphansi kweSikole Seziqu Zezamabhizinisi Nezobuholi babungaze ukuphumelela koHlelo Lwezingqwele ngokuhlonipha osomabhizinisi abayi-15 ngokusebenza ngokuzikhandla kanye negalelo labo emphakathini yabo.
I-Champions Programme iwumzamo wokuthuthukisa osomabhizinisi bomphakathi ukuze bakwazi ukuletha izinguquko ngokushesha emiphakathini yangakubo esesifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lolu hlelo luxhaswe ngokuphelele nguMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo futhi luhlinzekwa ngokubambisana noPhiko le-LED yeSikolo SezamaBhizinisi.
Kulolu hlelo lonyaka osomabhizinisi basemphakathini abakhethiwe bebechitha izinsuku ezimbili ngenyanga eSikoleni Seziqu Zezamabhizinini Nezobuholi (GSB & L) lapho bebefundiswa izindleleni zokucabanga ezibukhali kanjalo nokusungula izindlela ezintsha kwezamabhizinisi asemphakathini nezisemqoka ukuze kuthuthukiswe futhi kudlondlobaliswe amabhizinisi abo.
Ababambiqhaza abayi-15 abathole ukuhlonishwa yilaba: UMnu Sbusiso Blani (Kwezokusakaza ukuzijabulisa nezomculo), uMnu Zamokuhle Cele (Ezokukhangisa kanye nokuklanywa kwamawebhusayithi), uMnuz Mzwandile Duma (Ezokufuya), uMnu Sandile Hadebe (Izinsiza zezokuhlanza nokulungiswa kwezingadi), uMnu Nkosinathi Jali (Ezomsebenzi ngokhonkolo / ukukhiqiza) kanye nemayini yesihlabathi), uMnu Sandile Mdletshe (ukuthuthukiswa komphakathi kanye nezolimo), uNksz Hellen Mtshali (Izambatho kanye nokuklama), uMnu. Thanduxolo Ncane (Inkampani yokubonisana), uNksz Hlengiwe Nkonde (Ukulima Imifino), uNksz Nomuso Ngubane (Ukuthuthukiswa kwamakhono), uMnu Sifiso Kenneth Ngubane (EzoLimo), uMnu Thembani Nqweniso (Ubuciko Bokuklama nokuthuthukiswa kwamakhono), uMnu Nkosinathi Phungula (Ukuthuthukiswa komthamo), uNksz Cynthia Shinga (Ezamakhefi e-inthanethi) noMnu Sandile Sithole (Amathayi nengilazi).
Isifundiswa nomdidiyeli wohlelo lwe-Champions eSikoleni, uSolwazi Shahida Cassim uthe uzizwe ehlonipheke kakhulu ngokubona izithelo zomsebenzi wabo kanye nokuthi lolu hlelo luthuthuke ngamandla emva kweminyaka eyishumi lukhona.
‘Uma ngibheka emuva siqala ngalamaphrojekthi ayi-15 alapha namuhla, ngikhumbula ukuthi ngezinye izikhathi ngangiphelelwa yisineke kangakanani ngenxa yokuthi ababambiqhaza babenezinhlelo zezinga elincanyane – babebonakala benekhono elikhulu kodwa bezibambezela. Namuhla ngiziqhenya kakhulu ngomsebenzi abawufakile emabhizinisini abo, nokuthi babe negalelo elikhulu emiphakathini yabo. Siyabonga ngokuliphakamisa kangaka igama lama-Champions.’
Amajaji akhethe osomabhizinisi abathathu. Labo kube: (1) uNksz Nombuso Ngubane, usomabhizinisi womphakathi kanye nomlethi zinguquko ogqugquzela intsha nabesifazane ezindaweni zasemaphandleni esifundeni soGu eNingizimu nogu lwaKwaZulu-Natal ngokuthuthukisa amakhono abo; (2) uMnu Mzwandile Duma, onebhizinisi lokucebisa ngezokufuya futhi oluleka abantu abasha abanentshisekelo kwezokufuya; (3) uNksz Cynthia Shinga, owesifazane ongusomabhizinisi owavula ikhefi le-inthanethi lamahhala kubantu abasha baseMzumbe. Ushinga uphinde ahlanganise amalungu omphakathi ukuze azibandakanye kwezolimo, ukuthunga, ezobuciko obusebenzisa izimpahla esezisetshenzisiwe.
Imiklomelo ixhaswe ngabeThala Bank, i-Al Baraka Bank ne-Awqaf South Africa.
Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa mayelana noHlelo lwama-Champions vakashela lapha: http://rledi.ukzn.ac.za/projects/champions-2017
Amagama: Lungile Ngubelanga
Isithombe: Itumeleng Masa