Inhloko Yodokotela Bezifo Zengqondo e-UKZN Iqokwe NjengoMengameli Wenhlangano Esemqoka
Click here for English version
Inhloko Yodokotela Bezifo Zengqondo e-UKZN uSolwazi Bonga Chiliza uqokwe njengoMengameli weNhlangano Yezodokotela Bezifo Zengqondo eNingizimu Afrika (i-SASOP).
I-SASOP – okungukuphela kwenhlangano yezifundiswa eNingizimu Afrika emele izintshisekelo futhi evikela amalungelo odokotela bezifo zengqondo kuleli lizwe – iyingxenye enkulu ekusizeni ukuqeda isitigma esisibekele izifo zengqondo lapha kuleli naphesheya kwezilwandle, kanye nasekulweni nokubandlululwa kwabantu abaphethwe yizifo zengqondo.
Inhlangano le ilawulwa yiqembu lamavolontiya akhethiwe, bonke odokotela bezifo zengqondo baqokelwe ezikhundleni zenhlangano olwenziwa kabili ngonyaka.
Ekhuluma namalungu e-SASOP emva kokukhethwa kwebhodi entsha Engqungqutheleni Kazwelonke ye-SASOP, u-Chiliza uthe iqhinga lesikhathi sakhe ekuleli hhovisi luzogxila ezinsikeni ezintathu: (1) ukuqinisa ukuphathwa komkhakha wezifo zengqondo womphakathi; (2) ukuqinisa kobudlelwane phakathi kwemboni kahulumeni nezimele, kanye (3) nokukhulisa inhlangano ngokugxila kodokotela bezifo zengqondo abasebancane kanjalo nabasebenzi bezokwelapha.
'Kudingeka sizabalaze nakakhudlwana ukuze umkhakha wezifo zengqondo waziswe ngokugcwele njengomkhakha omkhulu wezokwelapha ezifundweni zokuqala zasenyuvezi kwezemfundo yezokwelapha. Sidinga futhi ukuvuselela imizamo yethu yokuletha ushintsho ebuholini be-SASOP kanye nasemkhakheni wezifo zengqondo wonkana,' kusho uChiliza.
'Sizoqinisekisa ukuthi ubuholi be-SASOP buyaqhubeka nokuletha ushintsho ngaphakathi kuze bukhombise ukwakheka kwezwe ngokwemiphakathi futhi sebukwazi ukudingida ngokuphelele ngezindaba ezisihlasele njengokucwasa ngobuhlanga, ukubandlulula ngenxa yobulili kanye nezinye izinhlobo zokucwasa nokubandlulula. Sizobe sesiqala umkhankaso ohlose ukubhekana nokuhlelwa kwezindlela zokungena ezikhundleni ezisemqoka zobuholi bomkhakha wezifo zezengqondo.'
UChiliza wahlabana Ngomfundaze Ohloniphekile Wezocwaningo i-Hamilton Naki, phecelezi (i-Hamilton Naki Research Fellowship) kanye neNdondo ye-CINP Rafaelsen Young Investigators, ngaphambilini wayeyi-associate professor eNyuvesi yase-Stellenbosch kanye nochwepheshe ophezulu wezifo zengqondo kuPhiko Lwezifo Zengqondo e-Tygerberg Hospital eKapa.
Izintshisekelo zakhe zocwaningo zihlanganisa i-schizophrenia, ukubonisana-ukuxhumana kwengqondo, izinsizakalo zezempilo kanye nemfundo yezokwelapha. Usebhale ama-athikhili angaphezu kwangama-50 abukezwe ngabalingani bakhe kanye nezahluko zezincwadi ezithile waphinde wasebenza kumabhodi amaningana angekho ngaphansi kukahulumeni, kubandakanya i-SA YMCA, Life Choices kanye ne Harambee.
'Ngicabanga sekuyisikhathi esifanele sokuba i-SASOP ibe nobuholi obusha nobunamandla emkhakheni wezifo zengqondo ikakhulukazi njengoba kunezehlakalo zakamuva ezibandakanya isibhicongo sase-Life Esidimeni, izinsolo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu e-Tower Hospital eMpumalanga Kapa, kanjalo nokufa ngokuzuma kukaSolwazi Bongani Mayosi, isikhondlakhondla emkhakheni wezokwelapha, kanye nobengumqeqeshi nomeluleki kithi sonke, emva kokuba ekade ebhekene nesifo sokucindezeleka ngokwengqondo. Lezi zehlakalo zikubeke obala ukunganakwa kokwelashwa kwezifo zengqondo eNingizimu Afrika kanye nesidingo sokuba i-SASOP idlale indima yokuhola emkhakheni wokwelashwa kwezifo zengqondo,' kwengeza uChiliza.
Amagama: Lihle Sosibo