Umsebenzi wase-UKZN Uhlomule Ngendondo ye-NRF
Click here for English version
UMsizimdidiyeli Ehhovisi Locwaningo, uMnu Mlungisi Zondi, usanda kwamukeliswa indondo ye-“Best Newcomer NRF Designated Authority” evela eSikhwameni Sikazwelonke Sezocwaningo, (i-NRF).
UZondi uzizwa ‘ehloniphekile’ ngokubongwa ngabe-NRF. ‘Ngaso sonke isikhathi kuyakhuthaza ukuhlonishwa ngenxa yokusebenza kanzima. Ngicabanga ukuthi i-Awards Cluster isebenza ngokuzikhandla ukuze ibe negalelo emgomweni oyingqikithi we-UKZN kanye ne-National System Innovation,’ kusho uZondi.
UZondi ukhulele edolobhaneni langakubo eXopo e-KZN Midlands. Uneziqu zemfundo ezahlukene, kubandakanya eze-Bachelor of Arts (Ezobunzululwazi, Ezombusazwe Nezomthetho) ne-Bachelor of Arts Honours kwezeSayensi Yezepolitiki Nezobudlelwane Namazwe (zombili uzithole e-UKZN) futhi njengamanje usaqhuba nokufundela iziqu zeMastazi Ezifundweni Ngenhlalo Yomphakathi, lapho egxile khona Kwezobudlelwane BobuHlanga eNyuvesi yase-Fort Hare.
UZondi uhlele ukubhalisela izifundo zakhe zobuDokotela Wezobunzululwazi Ezifundweni ZezeSayensi NobuChwepheshe, egxile Kwezokuphathwa koCwaningo Nokuhlola. ‘Lokhu kuzothuthukisa ulwazi lwami lwe-National System Innovation kanjalo nohlaka Lokuhleleka kwezeMfundo ePhakeme eNingizimu Afrika, kuphinde kuthuthukiswe nokuphathwa kocwaningo kanye namakhono okuphatha,’ kusho yena.
Ubonge umndeni wakhe, ozakwabo kanye ne-NRF ngokumeseka nokumkhuthaza emsebenzini kanye nasezifundweni zakhe. Ubonge uzakwabo asebenza naye eHhovisi Lezokucwaninga, uNkk Patricia Ngwenya, owahlomula ngendondo ye-Best Designated Authority evela kwa-NRF ngonyaka wezi-2016. 'UNgwenya wafundisa uZondi futhi wamqeqesha ‘ukuze ngikwazi ukwenza konke okusemandleni ami,’ kusho yena.
Amagama nesithombe: NguRaylene Captain-Hasthibeer