
Sinethulela uMongameli Omusha Wenhlangano Yabafundi e-UKZN
Click here for English version
UMengameli osanda kukhethwa ohola i-SRC Yonkana, uSanele Hlongwa uthi uzochitha lesi sikhathi sakhe esesikhundleni sobuholi besigungu sabafundi eNyuvesi yaKwaZulu-Natali eqhakambisa amalungelo abafundi futhi esiza ukuba kwamukelwe ukwehluka kwabafundi kuwo womahlanu amakhempasi eNyuvesi.
UHlongwa, abangani bakhe namaqabane abamubiza ngokuthi "uPhoyisa", wenza unyaka wakhe wokugcina ngaphansi kweziqu ze-Bachelor of Education ku-Maths ne-Geography ekhempasini i-Edgewood. Uhlela ukwakha indawo 'enozwano nokuthula e-UKZN, lapho abafundi bethu nawo wonke amalungu omphakathi wase-UKZN beseka futhi bekwamukela ukwehlukahlukana futhi benokubekezelelana'.
Uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi nabafundi abahlala ezindaweni zokuhlala ezingekho emakhempasini banezinsiza ezifanayo nezalabo abahlala ezindaweni ezisemakhempasini, wabala i-wifi, amanzi ashisayo nezokuphepha njengezinye zezihloko ezisohlwini lwakhe. 'Sizosebenzisana nenyuvesi ukuze sizame ukuletha usizo olungcono kubo bonke abafundi,' kusho yena.
UHlongwa wagqugquzeleka ukuba azibandakanye kwezepolitiki yabafundi emva kokusizwa yi-SRC ngenkathi efika e-UKZN. 'Ngivela endaweni yasemaphandleni, eyayincishwe amathuba ngaphambilini (endaweni yakwaMaphumulo, eMbitane KwaZulu-Natali ngaphansi kweNkosi uZubane), ngakho ngenkathi ngifika enyuvesi ngangingenayo imali ngingenayo ngisho eyokubhalisa,' kuqhuba yena. 'Umndeni wami wawungakwazi ngisho nokukhokhela imali yami yokugibela ngenkathi ngifuna isikhala sokufunda enyuvesi.' Wasizwa yilungu le-SRC ukuze athole isibonelelo sika-NSFAS nendawo e-UKZN. Lokhu kwamukhuthaza ukuba asize nabanye. 'Kusukela ngaleso sikhathi, okuseqhulwini kimina selokhu kwakungukuba ngikwazi ukusiza labo abadonsa kanzima ngokwezimali futhi abavela emakhaya abahlwempu.'
UHlongwa ugcizelele ukubaluleka kokuhlomisa abafundi ukuze bancintisane kuzwelonke kanye namazwe omhlaba kwezemidlalo nasemculweni. 'Sifuna i-UKZN itshale izimali kulezi zindawo futhi yakhe izakhiwo ezingcono ukuze abafundi bakwazi ukuzilolongela kuzona.'
Eminye yemigomo yakhe ukusungulwa kwesiteshi somsakazo seNyuvesi lapho abafundi bezohlala baziswa ngezindaba zaseNyuvesi kanjalo nezihloko ezisematheni ezweni.
UHlongwa ube esefisela ozakwabo abafundi okuhle kodwa ezivivinyweni zezifundo zabo. 'Selilide kakhulu ibanga abalihambile, bebhekene nezingqinamba kule ngxenye yesine yonyaka, kodwa bakwazile ukubhekana nezinkinga ezinjalo. Abanye baye bahlaselwa yizifo kodwa basinda. Ngakho-ke, lo sekungumzukuzuku wokugcina okufanele babhekane nawo bagadle okokugcina futhi basebenze ngako konke okusemandleni abo. Ngethemba ukuthi bonke bazokwenza kahle kakhulu. Ngithanda nje ukukhumbuza abafundi lokhu: Ayikho into engeze yenzeka uma kunenhlansana encane yokuthi ingase yenzeke. Nginifisela okumhlophe kodwa!'
Ukhuthaze abafundi ukuba bathokozele amaholide esikhathi sikaKhisimusi ngokuzicabangela futhi bathokozele isikhathi esihle nemindeni yabo.
Umholi wabafundi osemncane uphethe ngokuthi: 'Ekugcineni, ngifisa ukubonga bonke abafundi abangivotele esikhundleni sokuba nguMengameli we-SRC kanjalo nabalingani bami, ngibonga ithimba le-SGLD eliholwa nguMuzomuhle Mhlongo kanye noPhiko lonke Lwezinsizakalo Zabafundi oluholwa nguDkt Rose Laka-Mathebula ngokuba nokhetho lwe-SRC olunokuthula nobulungiswa. Ngifisa ukubonga umengameli wangaphambili uSandile Zondi, Magama Dlamini, Bongani Mthiyane, Ntokomalo Mngoma, Fulufhelo Mulidzwi no-Ahmed Rajah ngomsebenzi wabo nokuzinikela abakukhombisile ngenkathi kuyithuba labo kuleli hhovisi. Ngibafisela konke okuhle emikhakheni yabo yomsebenzi kanjalo nokuthuthuka ebuholini babo,' kusho yena.
Amagama: NguRaylene Captain-Hasthibeer