
Kuhalaliselwe UDokotela Wezemizwa Wokuqala Onsundu e-UKZN
Click here for English version
Owaqeda uqeqesho lwakhe njengoMabhalane Omkhulu e-UKZN, uDkt Mahlubonke (Hlubi) Dlwati, unguDokotela wezeMizwa wokuqala onsundu KwaZulu-Natal.
UDlwati, ozalelwe wakhulela e-All Saints okuyindawo yasemakhaya Engcobo e-Eastern Cape, usebenzela eMnyangweni wezeMizwa esibhedlela i-Greys e-Pietermaritzburg.
Ekhuluma ngokuphumelela kwakhe, uDlwati uthe, ‘Abazali bami babehlala bethi kimi impumelelo yenzeka kancane kancane kodwa igcina yenzekile, impokophelo ukuphumelela empilweni. Ube nezinhloso futhi ungazikhohlwa izinhloso zakho. Ungabambezeleka empilweni kodwa kufanele uwuvuselele umoya wokuphumelela. Ekhaya kuseduze nasesibhedlela i-All Saints. Umama wami ongasekho wayengumhlengikazi kuso lesi sibhedlela futhi ngangikubona ukuhlupheka komphakathi wasemakhaya esibhedlela kanti futhi ngokuhamba kwesikhathi umama wami naye wahlupheka ngokufanayo,’ kukhumbula uDlwati.
Ngemuva kokuthola iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseTranskei (iNyuvesi i-Walter Sisulu), waqhubeka wayoqeqeshelwa umsebenzi esibhedlela i-Cecilia Makiwane e-East London. Ngemuva kokuphothula uqeqesho lomsebenzi e-East London, uDlwati wasebenza njengomsebenzi wezokwelapha kuso lesi sibhedlela, emva kwalokho wajoyina uMnyango Wezokwelapha Wangaphakathi esibhedlela i-King Edward VIII (KEH) njengomsebenzi wezokwelapha.
‘Ngashiya e-KEH ukuyosebenza esigcemeni sakwaZulu esibhedlela i-Nkonjeni, okuyisibhedlela sasemakhaya futhi ngangiyingxenye yokusungulwa kohlelo lokukhishwa kwama-Antiretroviral (ARV) esifundeni sakwaZulu ngase ngiba inhloko yohlelo yesifunda. Ngalesi sikhathi ngangiyingxenye yokubhalwa kwebhukwana elishicilelwe lokuqala le-HIV . UNkosikazi wami wabe esengikhumbuza ngephupho lami ngase ngijoyina uhlelo lomabhalane abakhulu ngenhloso yokugxila eSifundweni sezeMizwa. Ngiyakholelwa ukuthi ulwazi kanye nokuzimisela kukwenza uphumelele futhi uneliseke,’ kusho uDlwati.
Amagama: nguMaryAnn Francis