Ukubambisana Ne-Duke University Ukulwisana Nezinkinga Zezempilo Emhlabeni Jikelele
Click here for the English version
‘Umhlaba ubhekene nezinkinga ezinkulu ezingeke zisonjululwe isikhungo noma umkhakha owodwa,’ kusho uSolwazi wase-Duke University u-Gregory Gray esifundweni somphakathi ebesibanjelwe e-UKZN sihlelwe iSikole Sezifundo ZezeMpilo.
Izibonelo zalokhu zihlanganisa nobungozi bezifo ezithathelanayo kubantu nasezilwaneni, inkinga eya ngokukhula yamagciwane angalapheki ngezindlela ezisetshenziswayo manje nesidingo sokukhuphula izinga lokukhiqizwa kokudla kube kuqikelelwe ukuphepha kwakho ukudla. U-Gray ukhuthaze indlela yokubhekana nalenselelo eqhakambisa ukusebenzisana kwemikhakha ehlukene i-One Health uma sekuqhutshekwa kubhekwe phambili.
I-One Health ihlanganisa abasebenza emikhakheni yezokwelashwa kwabantu, izilwane, nemikhakha yezemvelo ukuze kuxazululwe lezi zinkinga ezibucayi. Kuleli sonto u-Gray nozakwabo wezocwaningo uNkz Laura Borkenhagen bahlangane noSolwazi Mohamed Ezzat El Zowalaty neqembu lakhe locwaningo ukuze bahlanganise umsebenzi wocwaningo ngokubambisana ozokwenziwa eThekwini ngaphansi kwesihloko esithi-One Health.
U-El Zowalaty onguSolwazi wezoCwaningo WezeMayikhrobhayoloji neVayiroloji eSikoleni seZifundo ZezeMpilo e-UKZN uhola ucwaningo lokuthola ukuthi imaphi amagciwane atholakala ezingulubeni eThekwini.
Amaqembu womabili (elase-UKZN nelase-Duke) acwaninga abantu nezilwane ngenhloso yokwenza ngcono impilo yabantu nezilwane nokugwema ukusabalala kwamagciwane afana nomkhuhlane i-avian flu eyaba nomphumela omubi kakhulu ezimbonini zenyama yekhukhu e-Asia, North America nase-Europe. Muva nje lo mkhuhlane ibhebhetheke eNingizimu Afrika ngasekupheleni kuka-Nhlangulana 2017 futhi waphazamisa ukufuywa kwezinkukhu ezweni okwabangela izinkinga kwezempilo nokwesaba.
Uhlelo lwe-One Health lugqugquzela ukusebenza ngokubambisana kongoti abaningi (njengabasebenza ngezifo ezisuka ezilwaneni ziye kubantu, abasemalebhu, abelapha abantu, nabelapha izilwane) besebenza ngezempilo zabantu, izilwane, okuhlanganise nezifuywayo kanye nezasendle. La maqembu e-One Health asebenza ekuhlonzweni komsuka wesifo nokuhlola ukuthi yiziphi izindlela ezingasetshenziswa ukuze kuncishiswe ubungozi besifo.
U-Gray ukhuthaze ukuthuthukiswa kwezindlela zokusebenzisana nge-One Health. Ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana nodoketela bezilwane basendaweni. Uthe lapho kunamaqembu amaningi abantu ahlangene nezilwane, izithwalazifo zingangena phakathi kwabo. Ugcizelele ukuthi lokhu kungena kungaba ngezindlela ezimbili lapho izithwalazifo zisuka ezilwaneni ziya kubantu noma kwezinye izikhathi zisuke kubantu ziya ezilwaneni.
Ukuze kuqinisekiswe impumelelo yomsebenzi waseThekwini, u-El Zowalaty ukhulume nangobudlelwano asebakhe eKwaZulu-Natali nabafuyi bemfuyo abalandelayo; abakwa-Ezemvelo KZN wildlife, ama-wild bird ringers, nezizinda ama-wildlife rehabilitation centres (FreeMe, CROW, Raptor Rescue, Second Chance Avian Rescue), eThekwini Metropolitan Municipality, ama-Veterinary services, ne-KZN Department of Environment and Rural services, kanye noMnyango WezeMpilo e-KZN.
Ucwaningo luka-El Zowalaty luhlose ukuphenya ngamagciwane asuka ezilwaneni njengengxenye yezithwalazifo e-KZN, eNingizimu Afrika. Lo mkhakha awunakiwe kodwa unomthelela omkhulu empilweni yabantu. Uphakamise ukusebenzisa indlela i-One Health egqugquzela ukubambisana kwemikhakha ehlukene futhi ezoqinisa imizamo yeminyango ehlukene esebenza kulomkhakha okuzoba nomphumelo wocwaningo olunamandla nolunomsebenzi omkhulu.
Amagama ngu-: MaryAnn Francis
,