
Kugcotshwe Umkhandlu Wabafundi wase-UKZN
Click here for the English version
Umkhandlu wabafundi wase-UKZN ugcotshwe ngokusemthethweni emcimbini obubanjelwe eKhempasini i-Westville ngoMgqibelo zingama-24 kuNhlolanja 2018.
UDkt Rose Laka-Mathebula, OnguMqondisi Olawulayo: Kwezabafundi, wamukele bonke abebekhona emcimbini waphinde wahalalisela amalungu omkhandlu wabafundi anqobe ukhetho. Uwagqugquzele ukuba aqinisekise ukuthi izwi labafundi liyazwakala futhi uphinde wabaluleka ngokuthi bazibophezele ‘‘ebuholini ngokuzinikela’’.
Inkulumo yosuku beyethulwa uMnu Sibusiso Duma, owayengumfundi waseNyuvesi oyilungu lesishayamthetho sesifundazwe i-KwaZulu-Natal. UDuma weluleke amalungu omkhandlu ngokubaluleka kokuzehlisa wawanxusa nokuthi aqinisekise ukuthi abafundi abavalelwa ngaphandle kwezokufunda ngenxa yokuthi baphuma emakhaya antulayo.’ Ugcizelele ukubaluleka kokuthuthukisa abantu besifazane futhi wakhumbuza amalungu omkhandlu ukuthi angakhohlwa ukusiza labo abebebasekele.
OwayenguMongameli WoMkhandlu WaBafundi Omkhulu uNkz Noxolo Bhengu, ubonge bonke ababebasekele ngesikhathi besahola uMkhandlu waphinde wathi ‘bekuyintokozo ukusebenzela abafundi.’ UBhengu uhalalisele abazothatha izintambo zobuholi boMkhandlu wabakhumbuza ukuthi ‘umsebenzi obamele awulula neze.’ Uthe ukusebenzela abafundi akukhu mayelana nokuzuzwayo kodwa kuza nomsebenzi omkhulu. ‘Kumele uzimisele ngokusebenza,’usho kanje.
UMongameli Womkhandlu Omkhulu, uMnu Sandile Zondi, ubeke amazwi okubonga uBhengu namalungu omkhandlu aphumile futhi wathembisa ukuthi uMkhandlu omusha uzobavikela abafundi. Uqinisekise abafundi ngokuthi i-SRC izohlala itholakala ukuze ilekelele abafundi futhi wagcizelela ukubaluleka ‘kobumbano ekuvikelweni kwabakhululekile’.
Kunandise ikhwaya yase-UKZN, i-Buya Africa, Isambane kanye owayengumfundi wase-UKZN uNkz Boniswa Moto, ubengumphathi wohlelo. OnguMabhalane Omkhulu wase-UKZN, uMnu Simon Mokoena, ubephethe umcimbi wokufungiswa kwabakhethiwe.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer