Umfundi Uqokwe NjengeNxusa LeNtsha le-UN Population Fund
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wesithathu ezifundweni Zezokusakaza Nezamasiko, uNksz Nkosingiphile Ntshangase, ukhethwe njengeNxusa Lentsha le-United Nations Population Fund (UNFPA).
'Ukuba yilungu lePhaneli Yokwelulekwa Kwentsha (YAP) kuchaza ukuthi ngizokwazi ukuhlanganyela ezithangamini ezihlose ukuphucula isimo sabantu abasha kanye nokuqinisekisa ukuqondisiswa okwengeziwe kanye nolwazi ngamalungelo ezempilo yezocansi nezokuzala, ukulingana ngokobulili, ukuvikelwa kwegciwane leSandulela-Ngculazi nokuthuthukiswa kwentsha,’ kusho uNtshangase.
Uzobamba iqhaza ezithangamini zokudidiyela zikazwelonke nezezifundazwe kanye nemihlangano yamaphaneli okwelulekwa kwentsha. Njengelungu le-YAP, uNtshangase uhlonza amasu noma amacebo okuqinisekisa ukuthi izinqubomgomo nezinhlelo ze-UNFPA kulula ukuba ziqondwe yintsha kanye nokuthuthukisa izinhlelo zokubambisana nokuhlinzeka ngeziqondiso ezisebenzayo ngokubamba iqhaza kwentsha kanjalo neminye imiphumela ezobonakala ngenxa yenqubo yokucubungula kwephaneli.
UNtshangase uthe: 'Isikhundla sokuba yiNxusa leNtsha sibalulekile njengoba kunginika ingosi yokuthuthukisa abantu abasha ngokubakhuthaza ukuba bahlanganyele ekuthathweni kwezinqumo ezithinta impilo zabo kanye nokuveza imibono kanye nemicabango yabo ngokuhambisana nezimiso eziyisisekelo zamalungelo abantu. Ukuba yilungu le-YAP kunikeza abantu abasha izwi futhi kusiza ekuqondiseni i-UNFPA ukubeka kwayo ngokuseqhulwini igunya labo kanye nokwakha izinqubomgomo nezinhlelo ezihambisana nentsha ngosuselwe kulokhu. '
Izinhlelo ngekusasa lakhe zibandakanya ukuqhubeka nezifundo zakhe kanye nokusebenzela iNhlangano Yezizwe njengosebenzela ezenguquko emphakathini.
Enikeza iseluleko kwabesifazane abasebasha, uthe: 'Ningawabukeli phansi amakhono enu, ningazibukeli phansi nina kanye namandla enu. Wabambeni ngazo zombili wonke amathuba enihlangabezana nawo. Zethembeni.'
Umbhali: Ngu-Melissa Mungroo