
Isikole SezobuNjiniyela Siqale Umsebenzi Wokuguqula Uhlelozifundo
Click here for English version
IDini entsha yeSikole Sezobunjiniyela e-UKZN, uSolwazi Glen Bright, uqale umsebenzi wakhe ngokubamba umhlangano wokucobelelana ngolwazi lapho bekuguqulwa uhlelozifundo.
Inhloso yalo mhlangano, obubanjwe ngomhla wama-24 kuMfumfu 2018, bekuwukuhlela kabusha uhlelozifundo kwezobuNjiniyela ukuze lube nomthelela emphakathini futhi lufeze nezidingo eziguqukayo zezimboni.
‘Uhlelozifundo lwezemfundo ephakeme kumele lubhekane nokwenzeka emphakathini,’ lo bekuwumyalezo obalulekile obusenkulumweni yesikhulumi sosuku, uDkt Witfield Green onguMqondisi Omkhulu Kwezokuthuthukiswa KwezokuFunda Nokufundisa eMnyangweni WezeMfundo Ephakeme NokuQeqesha. U-Green wethule inkulumo ebibeka udaba lohlelozifundo njengengxenye yezenhlalo-mnotho, ezombusazwe nezobuchwepheshe okuholele ezingxoxweni ezinomdlandla zabaholi bezokufunda abahlukene abebebambe iqhaza.
Njengomunye wemikhakha eqeqeshela umsebenzi e-UKZN, umkhiqizo weSikole ZezobuNjiniyela ulawulwa yi-Washington Accord ngomkhandlu i-Engineering Council of South Africa (ECSA). Kodwa ukuguquka kwemboni ngenxa ye-Fourth Industrial Revolution kuzodinga amakhono engeziwe okumele ezemfundo ephakeme zibhekane nakho.
Umhlangano unikeze abaholi abahlukene bezokufunda ithuba lokubhekisisa amathuba okusebenzisana ukuze kuthuthukwe nokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu. Kuphethwe ngokuthi kuqokwe ithimba eliholwa nguSolwazi Jules Tapamo, onguMholi WezokuFunda NokuFundisa, ukuze liqhube lo msebenzi woguquko.
Amagama: nguRudi Kimmie