Abafundi nabasebenzi base-UKZN badingide ngosiko lwelobolo ezingxoxweni ebezisekhempasini i-Howard College. Izingxoxo Ngodaba Lwelobolo
Click here for English version
Ingosi Yabesilisa YaseHoward College e-UKZN ibambe izingxoxo ekhempasini yeNyuvesi i-Howard College mayelana nodaba lwelobolo ngomhla ziyi-10 Mfumfu (October).
Abebesingethe inkulumo abahlanganise isifundiswa sase-UKZN, uSolwazi Sihawukele Ngubane, ophuma kuMnyango WesiZulu e-UKZN); uDokotela Nokuthula Cele, onguthisha eSikoleni Sezifundo NgeNhlalo YoMphakathi; uNkzs Kuhlekonke Ntuli, owayenguMongameli Womkhandlu Wabafundi ekhempasini i-Howard College futhi owenza iziqu ze-Onazi Ezifundweni Ngobulili; kanye; noMnu Bizo Bomela, owenza iziqu zeMastazi Ezifundweni ngobulili - babexoxa ngesihloko esithi: Ingabe Ilobolo Linawo Yini Umthelela Odlameni Lwezobulili….? Futhi Ingabe Lisanesidingo Ezikhathini Zesimanje?
Umxhumanisi wohlelo i-UKZN HIV/AIDS Programme, uNkzs Nomonde Magantolo, uthe ilobolo liyisinqumo sababili. Akukho okulungile nokungalungile ngalo,’ usho kanje. UMagantolo uphinde wathi amasiko nemvamakwenza kuyaguquka futhi ugcizelele nokubaluleka kokulalelwa kwezwi labesifazane.
UNgubane ugcizelele ukubaluleka kwelobolo njengokwenziwayo ngokosiko.'Linesidingo,’ usho kanje. ‘Libalula ubuthina njengama-Afrika. Likhombisa ukuhlonipha umndeni kamakoti, hhayi ukuthenga.’
UNgubane uthe liletha uzinzo emishandweni yomdabu futhi liyindlela yokudlulisa esuka kwabakwamkhwenyana iya kwabakwamakoti.
UNtuli ugxeke umqondo wobunikazi. ‘Akekho ongumnikazi wami. Akekho ongumnikazi womunye umuntu,' usho kanje. Ugcizelele ukubaluleka kokuthi abesifazane babekhona uma kuxoxwa ngelobolo.
UCele uthe kubalulekile ukuqonda ukuthi liyini ilobolo ngaphambi kokuxoxa ngalo, wagcizelela ukuxazulula izinkinga ngaphansi “kohlaka lwesi-Afrika.”.
UNhlanhla Mazibuko oyilungu lengosi yabesilisa i-Men’s Forum, ubonge abebesingethe izingxoxo nabebethamele ngezingxoxo ezinohlonze.
Amagama nezithombe: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer



