
Abafundi Besikole I-SHS Bafake Isandla Emphakathini Wabalimi eMolweni
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wokuqala ezifundweni ze-Speech Therapy, uNksz Jessica Smeeton, ubehola umsebenzi wokubiyela insimu yomphakathi wabalimi waseMolweni.
Lo msebenzi uyingxenye yemojuli yakhe yeziFundo ngoMphakathi.
Ngaphandle kwabafundi beziqu ze-Pharmacy neze-Physiotherapy, bonke abanye abenza unyaka wokuqala eSikoleni Sezifundo ZezeMpilo kumele benze imojuli yeziFundo ngoMphakathi.
Ukungenelela kuka-Smeeton kulandela umhlangano obewuphakathi kwabafundi beSikole Sezifundo ZezeMpilo namalungu omphakathi waseMolweni lapho kwakudingidwa ngezidingo nezinselelo ezibhekene nomphakathi.
Wacela usizo kwabakwa-Khulisani Farm, okuyinhlangano yezolimo ezinze maphakathi nesifundazwe. Le nhlangano yanikela ngocingo lokubiya aluthatha waludlulisela emphakathini owawuludinga.
Abebelekelela u-Smeeton ngomsebenzi uMnu Patrick Zimu, uthisha nomxhumanisi we-Leisure Sciences eMkhakheni we-Biokinetics, Exercise and Leisure Sciences kanye noNksz Thandi Sithole, ongumxhumanisi womphakathi.
Abasebenzi bakwa-Khulisani, abafundi nabasebenzi base-UKZN, kanye nabaholi bomphakathi bafake ucingo lokubiya olungama-41x 26m kwenye yezingadi zomphakathi. Olunye ucingo luzofakwa kwenye insimu yomphakathi emasontweni ezayo.