
Umfundi Weziqu ze-Mastazi Wethula Inkulumo Mayelana Nodlame Ezikoleni Zase-Wentworth Engqungqutheleni EbiseNtaliyane
Click here for the English version
Umfundi weziqu zobudokotela Esikoleni Sezesayensi Yokuphila Komphakathi eKolishi Lakwa-Humanities eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, u-Nksz Xolile Kunene, wethule inkulumo mayelana nodlame ezikoleni zase-Wentworth, eThekwini, ngesikhathi kunenkomfa eNtaliyane.
Ingqungquthela i-International Journal of Arts and Sciences (IJAS) Academic Conference, ebibanjelwe e-British School, e-Rome, neyenzeka njalo ngonyaka eYurophu noma eMelika, inikeze izifundiswa amathuba okwabelana ngocwaningo lwazo ngokusebenzisa izindlela ezihlinzekwa yingqungquthela nokushicilelwa yi-IJAS okuyimibhalo esekwa abomkhakha.
Izifundiswa lezi ziyakwazi ukuthola imibono yabantu ngezingxoxo ezinzulu, ngaleyo ndlela zikwazi ukuthola ukuxhumana nabantu abaqeqeshiwe bakwamanye amazwe nezikhungo. Iphinde yethule izifundiswa ezindaweni zezemfundo ezifanele ukufunda emazweni aphesheya kulezi zinhlelo zokushintshisana ngezitshudeni.
Iphepha likaKunene lisuselwe kuthesisi yakhe yeziqu zemastazi elalinesihloko esithi: Udlame Ezikoleni Zamabanga Aphakathi e-Wentworth.
UKunene uthi kwakubalulekile ukuba abelane nezinye izingcithabuchopho mayelana nodlame ezikoleni zaseNingizimu Afrika.
‘Udlame ludinga ukubikwa njengoba luyisehlakalo esiletha imiphumela emibi hhayi kuphela kumuntu oyedwa kepha emphakathini wonke futhi ekugcineni kuthikamezeke izwe lonke. Ngenxa yalokho, isikole ngasinye kufanele sibe nemigudu efanele nezinhlelo ezisebenzayo ezisiza izisulu zikwazi ukubika futhi zizwakalise imibono yazo mayelana nalesi sihlava,’ kusho yena.
Uthole kule nkomfa ukuthi lena akuyona inkinga ebhekene neNingizimu Afrika kuphela njengoba namanye amazwe ebhekene nezinselelo ezifanayo.
‘Sidinga nje ukufunda komunye nomunye mayelana nezinqubo eziphambili ezingasetshenziswa bese sihlinzeka ngezisombululo ezifanele kulezi zinselelo zethu. Asikuthakasele lokho esinakho nesikwazi ukukusebenzisa futhi sikusebenzise ngakho konke okunokwenzeka kungakhathalekile ukuthi kuncane noma kukhulu kangakanani,’ kusho uKunene.
UKunene- ofundela iziqu zakhe ze-PhD- uyi-Principal Programmes Officer ZesiKole SezeSayensi Yezempilo e-UKZN.
Amagama: NguLihle Sosibo
Umfanekiso: Uhlinzekiwe