
Ukujezisa Ngokushaya: Ngale Kokuphelelwa Yithemba Nosizo
Click here for English version
ISikole SezeMfundo besibambe umhlangano wokuqala kweyisihlanu emayelana nezikole eziphephile futhi zikawonkewonke, kulo nyaka wezi-2018 kugxilwe ekujeziseni ngokushaya.
Le mihlangano iyingxenye yomsebenzi oyisipesheli weDini yesikole, uSolwazi Thabo Msibi.
Umhlangano wezinsuku ezintathu obudingida ukujezisa ngokushaya obubanjelwe ekhempasini i-Edgewood ubuhlanganise izinkulumo ezihlaziya okubhaliwe kanye nezinkulumo zosuku ukuze kucaciswe ngalokhu futhi kuqhakanjiswe isithombe sezikole njengezindawo eziphephile nezinobuntu.
Izihambeli zale mihlangano bekungabafundi, othisha, abazali, abaholi bezikole, abezinhlangano zabasebenzi, othisha abasaqeqeshwa kanye nezifundiswa abebeshiyelana inkundla bekhuluma ngabakufundile, abakubonile, nezokufunda.
UMsibi uthemba ukuthi lo mhlangano uzoqala izingxoxo mayelana nokujezisa ngokushaya kanye nodlame ezikoleni okuzoholela ezinguqukweni kanye nomthelela omuhle jikelele. Ukhulume ngokubulawa kothisha, abafundi abashaywa othisha, ukuphepha kothisha ezikoleni, udlame lothisha kanye neqhaza lezinkundla zokuxhumana ekusabalaliseni ulwazi.
‘Lokhu kuyinkinga kazwelonke lapho udlame selwamukeleka njengento eyingxenye yempilo nasezikoleni. Kuyinkomba yezinkinga zomphakathi. Akufanele sikhombane ngeminwe kodwa sidinga izisombululo ezisheshayo. Izikhungo zemfundo ephakeme nezakhamizi zaseNingizimu Afrika kumele basebenzisane ukuze kube noguquko,’ kusho uMsibi.
Othisha abasaqeqeshwa, uNksz Phakamile Mazibuko noNksz Viloshni Goolam Mohammed, nabo bakhulume ngabahlangabezane nakho nabakubonile mayelana nokujezisa ngokushaya. UMazibuko ukhulume ngokushaya ekhaya, nokuqaphela ukuqhutshwa kwakho ezikoleni. Lokhu 'kuholele ekubalekeni kwabafundi emakilasini, udlame, ukukhuphuka kwesilinganisozinga sabashiya isikole, ukuzibulala kanye nokhwantalala kubafundi'. ‘Sesiphenduke saba umphakathi onolaka. Sifanele ukwakha ukuthula noxolo, ukulwela uguquko nokuba abalethi boguquko emakhaya ethu nasemiphakathini yethu,’ kusho uMazibuko.
U-Goolam Mohammed uphakamise ukuthi ‘othisha baqeqeshwe ngezindlela zokubhekana nodlame ezikoleni futhi kube nezindlela abakhonjiswa ngazo ukuthi kwenziwa kanjani ngaphandle kokugcina ngokucaphuna kwithiyori kuphela'.
Ethula inkulumo yakhe yosuku, uSolwazi Deevia Bhana ukhulume ngesihloko esithi: Ukuze Kuphele Ukujezisa Ngokushaya, Kumele Kuphele Udlame eNingizimu Afrika: Izinhlaka Ezakhiwe Nezezizukulwane kanye Nokuzabalaza Ezikoleni.
Eminyakeni engama-20 edlule, uBhana ubebambe iqhaza ekucwaningeni nasekusebenzeni ngokuhlukunyezwa ngokobulili, ezobulili, nezingane. Uqaphele ukuthi lonke udlame lunobulili, futhi uma kubhekwana nodlame kumele kubhekwane nobulili nobudlelwano phakathi kwabafana namantombazane. Uphakamise ukuthi okudingekayo kuhlanganisa ukukhuthaza abafundi ukuthi babike ukujeziswa ngokushaya; ukukhuphuka kwezinga lokufinyelela kwezingane ezinkundleni zokuxhumana ukuze zibike; ukusebenzisana nothisha ukuze kutholakale ezinye izindlela zokweseka; ukuqondiswa kwezigwegwe kusebenzisana nezemfundo zothisha abangakaqali ukusebenza; ulwisana nokungalingani okusabalele eNingizimu Afrika yonke; ukulwisana nokudlwengula, udlame lwabesilisa nengcindezelo; ezobubha eziphathelene nezinhlaka zenhlalo ; kanye nokugqugquzelwa kwawo wonke umuntu ukuze kuqedwe ukujezisa ngokushaya.
Amagama nezithombe : nguMelissa Mungroo