Uthisha Wezenhlalakahle Ukhethwe NjengeSekela-Mongameli we-Cape Mental Health
Click here for English Version
Uthisha Wezenhlalakahle, uSolwazi Johannes John-Langba, ukhethwe njengeSekela-Mongameli we-Cape Mental Health (i-CMH), okuyinhlangano endala emphakathini yabaphila ngokwengqondo eNingizimu Afrika.
I-CMH ithuthukisa ukuphila ngokwengqondo nezinhlelo eziningi zezinhlangano kanye namaphrojekthi asiza abantu ukuba bakwazi ukulungisa ukukhubazeka kwabo, bajwayele indlela yokuphila emndenini nasemphakathini, bakwazi nokuthola amakhono abawadingayo okubhekana nesimo ukuze bafinyelele ezingeni elikhulu lokuzimela.
‘Lolu khetho lisho kukhulu kumina njengoSonhlalakahle, uthisha kanye nomcwaningi wezinsizakalo zokuphila ngokwengqondo. Ngiyakholwa kube ngenxa yokuqaphela, ukuzinikela kwami ku-CMH njengelunga lebhodi nenxusa lokuphila ngokwengqondo, kanye nokuzinikela kwami ekuthuthukiseni okuphila ngokwengqondo kuzwekazi lase Afrika emnyakeni engaphezulu kweyishumi,’ kusho uJohn-Langba owakhethwa ngesikhathi inhlangano ibambe Umhlangano Jikelele Wonyaka we-105.
UJohn-Langba wazibandakanya ne-CMH ngenxa yothando lwakhe kwezempilo yengqondo yabantu, yemindeni nemiphakathi empofu kanye nelimele. NjengeSekela-Mongameli, uzonikeza ubuholi kwezobuchwepheshe namasu kuMqondisi Olawulayo wenhlangano kanye nebhodi labaqondisi be-CMH, kanye nokuba iphini aphinde asekele uMongameli wenhlangano.
‘Indima yami njenge Sekela-Mongameli kanye neNxusa Lokuphila Ngokwengqondo le-CMH kuhlangana kahle kakhulu nesikhundla sami njengo Mholi Wothisha Kusifundo Sezenhlalakahle eSikoleni Sezifundo Ngenhlalosintu Elandelwayo e-UKZN. Lihambisana nempokophelo yeSikolo yokuthuthukisa imfundo yezakhamuzi, ucwaningo olusha kanye nokusebenza Kwezenhlalakahle eNingizimu Afrika ekufuneni ukuthuthukisa ukusebenza kwengqondo kanye nokuthuthukisa abantu, imindeni, amaqembu, izinhlangano kanye nemiphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthula, amalungelo abantu, ubulungiswa kwezenhlalo kanye nokulingana kwabobonke abantu abasezingeni endaweni, kusifunda, kuzwelonke kanye nakumazwe ngamazwe,’ esho.
UJohn-Langba une-PhD (Kwezenhlalakahle) kanye neziqu zeMastazi Kwezempilo Yomphakathi (Ukuziphatha kanye Nokuphila Komphakathi) eNyuvesi yase-Pittsburgh (e-United States) kanye neziqu ze-Mastazi Kwezenhlalakahle eNyuvesi i-Howard (e-United States). Usevakashiswe kaningi wathola nemiklomelo eminingi.
UJohn-Langba usanda kuba Uthisha Ovakashile we-Erasmus Mundus eNyuvesi i-Erasmus e-Netherlands. Uthando lwakhe kwezocwaningo lufaka ukusebenza ngokuphila ngokwengqondo.
Amagama: uMelissa Mungroo
Isithombe: uNkululeko Walter Mbatha