
I-UKZN Ibambe Isifundo Esiyisikhumbuzo Sika-John Langalibalele Dube Sangonyaka Wezi-2018
Click here for English version
ISikole sezeMfundo kanye nesezeNkolo, ubuNzululwazi NezaseMandulo bebambisene neHhovisi LaseNyuvesi LezokuHlelwa NokuThuthukiswa KoLimi kanye nesikhungo i-JL Dube Institute, babambe isifundo saminyaka yonke sesikhumbuzo sika John Dube ehholo i-Colin Webb Hall ekhempasini i-Pietermaritzburg’.
U-John Dube wayengumongameli wokuqala we-African National Congress (ANC) futhi wayengomunye wabahlonishwa ngendondo i-Nobel Peace Prize.
Isifundo ebesinesihloko esithi: I’m Gonna Sit at the Welcome Table: The Enduring Power and Promise of Education as a Public Good, sethulwe uSolwazi Chad Berry, oyisekela Eliphethe Ezekufunda NeDini eKolishi i-Berea, e-Kentucky, e-USA. ‘Isihloko salesi sifundo sigqugquzelwe yisifaniso esidala setafula lokudlela, esaqalwa omunye wababeyizigqila nowayeyikholwa ngesikhathi sokugqilazwa kwabamnyama futhi sabuye saba yiculo lomzabalazo wamalungelo abamnyama. Ngokwesikhathi samanje, itafula lokudlela kumele libe umthetho oqukethwe yizo zonke izinqubomgomo zemfundo. Kodwa, leli tafula ezikoleni (nakwezinye izikhungo zemfundo) eNingizimu Afrika nase-US alivamisile ukwamukela uwonkewonke. Baningi abavinjelwe ukuhlala kuleli tafula,’ kusho u-Berry.
Ubuze ukuthi umuntu wamukeleka kanjani kuleli tafula, nokuthi ofika khona ufunda kanjani. U-Berry ukholelwa ukuthi ukuze kwenzeke ukufunda okujulile, ukuzizwa uyingxenye kanye nokubamba iqhaza kubalulekile, kanye nohluzifundo olukhululekile.
Ekhuluma ngokubaluleka kokufinyeleleka kwezemfundo kanye nekhwalithi, u-Berry ubeke ukuthi kunemiphumela emibili ebalulekile: ezemfundo njengesikhali senkululeko kanye nemfundo njengesikhuthazi sezamathuba ezomnotho.
Uphothule isifundo ngokukhuluma ngombono ongapheliyo ka-John Dube nowakwakhe, uNokutela, kanye nezinye izinselelo ezikhona kwezeMfundo Ephakeme eNingizimu Afrika nase-US.
‘UDube wasebenza kanzima ukuze ama-Afrika abe nesikhala nawo kuleli tafula, elokufunda nelokuvota. Amaphimbo abo ngebhadi athule namuhla kodwa imibono yabo yona iyaphila. Ngakhoke, kubalulekile kithi sonke ukuthi siqinisekise ukuthi bonke labo abebengenaso isikhala kuleli tafula banikezwe. Nokusebenzela ukuthi izinkumbi zinikezwe isikhala kuqinisekisa ukuthi izingxoxo zijiyile, ukufunda kujulile, nokutshala izimali ezweni kungoku kanye nokuthi ikusasa liqhakazile. Ukuba nesihlalo kuleli tafula kuyinto enomthelela kuphela uma lowo osetafuleni esebenzisa izwi lakhe etafuleni nasezingxoxweni,’ kusho u-Berry.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: ngu-Simon Gazu