
Kukhunjulwa uSteve Biko
Click here for English version
I-UKZN ibambisene neSikhungo Umtapo babambe Inkulumo Yesikhumbuzo sika Steve Biko enesihloko: SA: The Unfinished Revolution ekhempasini i-Westville zingama-41st kukhunjulwa ukufa kwesishoshovu esasilwa nobandlululo.
UNkz Sibongile Mkhabela, u-CEO we-Nelson Mandela Children’s Fund, okhulume: Ngokuhlukunyezwa Kwabesifazane neZingane e-SA: Isidingo Sokuvuselela Indlela Yokuziphatha, wakhumbula ukuthi wayekuphi ngesikhathi ethola izindaba zokufa kukaBiko. UMkhabela, umamukeli we-National Order of Luthuli (Isiliva), owayesesitokisini e-John Vorster Square e-Johannesburg uchaze wacacisa ubuhlungu abuzwa. ‘USteve akasekho,’ kwaba imicabango egijima emuqondweni wakhe ezama ukuqondisisa izindaba zokuthi umholi we-Black Consciousness Movement wabulawa Uphiko Lwezokuphepha eboshiwe.
‘Kuqonde ukuthi eneminyaka engama-30, uSteve Bantu Biko wabulawa ngesihluku uhulumeni olalunesihluku,’ kusho uMkhabela. ‘Imibono nezenzo zabantu abasha abafundile ababenempokophelo yenza kwasongelwa uhulumeni owawunamandla futhi owawunganyakaziseki, ngisho ususatshiswa ngempi. Laba ababesabisa ngempi babeyinkinga kodwa laba ababenemibono engaletha intuthuko babeyinkinga enkulu yingakho ke wayengeke aphile uSteve Biko,’ kusho owayengumholi wabafundi kanye sesishoshovu.
Engeza, uMkhabela uthe, ‘Ngempela sesiyilahlile iphrojekthi yenkululeko. Sithathe indlela ethathelayo kanti futhi siyahluleka njengezwe ukuthola indlela ekufanele siyithathe,’ esho, efanisa iNingizimu Afrika ‘njengezwe elisempini’ uma kubhekwa ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Ekhuluma emhlanganweni, Umsebenzi Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye nesishoshovu sezepolitiki uMnu Pandelani Nefolovhodwe uthe ngesikhathi Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika ubonwa ngabanye njengo ‘Mthethosisekelo omuhle kakhulu’ emhlabeni jikelele, ‘uhlulelekile ukuthuthukisa abantu abansundu’. ‘Abantu bethu abadli umthethosisekelo; kanti futhi abawugqoki ukuze bazivikele kulaba ababandlululayo kanye nobandlululo labamhlophe,’ kusho uNefolovhodwe, owengeze ngokuthi uyakuqinisekisa ukuba ‘i-SA esiphila kuyona akusiyona i-SA uBiko wayeyicabanga’. ‘Ukubakhona kobuntu kuncike enkululekweni yomphakathi,’ esho. ‘Akukho ukubuyisana okanye ukubambisana.’
Enkulumeni yakhe, uDkt James Marsh, Usihlalo Womtapo, uthe iNingizimu Afrika ‘ayiphokophele enkingeni, ikuyona inkinga’. ‘Siphokophele ezikhathini ezinzima,’ esho.
Umqondisi obambile e-University Relations e-UKZN, uDkt Sally Frost, ukhulume ngo-Biko ‘njengomunye wezishoshovu ezinkulu ezake zaphila kulelizwe’.
Inkondlo Inyonyama Yamagama yeNhlangano yeZinkondlo zaBafundi base Westville yethule umucu othinta inhliziyo ngokukhululwa kwemiqondo.
Amagama: uRaylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Itumeleng Masa