
Owayengumfundi Wase-UKZN Uqambe Umdlalo Webhodi
Click here for the English version
Owayengumfundi wase-UKZN uMnu Charles Browne (67) uqambe umdlalo webhodi obizwa nge-SEE SAY DOO®.
U-Browne uthe lo mdlalo ozinhlangothintathu ‘uyindlela emnandi yokukhuthaza nokugqugquzela ukuxhumana, ukwakha namakhono okucabanga kube kunobumnandi nohleko.’ Unentokozo enkulu ngoba abahlole umdlalo wokuqala – ongoti bezemidlalo yamabhodi - bawamukele ngendlela ethokozisayo lo mdlalo.
Abadlali banomzuzu wokuthi badwebe SEE, bachaze SAY noma benze okuthize DOO okuyigama elisekhadini lemikhakha ekhona. Imikhakha ekhona eyezokubhala, umculo, ezebhayisikobho, nolwazi jikelele.
U-Browne wathola lo mqondo wokuqamba umdlalo webhodi ngesikhathi edlala umdlalo obizwa nge - Charades nozakwabo bakwi-Electoral Commission. ‘Ngabona ukuthi uma izihloko ezilingiswayo bezisekhadini, kungaba mnandi kakhulu.’ Waqaleka kanjalo umdlalo okwathi emva kokuthatha kwakhe umhlalaphansi sekudlule iminyaka eyi-14, i- SEE SAY DOO® yaqala ukwakhiwa.
Wathola ukukhuthazeka ukuze awuqede umdlalo ngenkathi elalele umsakazo. ‘Owayehambele umsakazo wathi umbono kumele ubhalwe phansi ukuze ungalahleki unomphelo. Baxwayisa ngemibono ebhalwe phansi igcina ngokuphelela ethuneni ngakhoke nganquma ukuthi owami ngeke ufe nami!’
U-Browne wazalelwa eGoli wathuthela eThekwini esaneminyaka emithathu, lapho wagcina efunda e-Westville High School. Waphothula iziqu zakhe eNyuvesi YaseNatali ngonyaka wezi-1977 ethola isitifiketi se -Theory of Accountancy.
Unamadodakazi amathathu u-Shannan, Natalie no-Candice, kanye nabazukulu abane abathanda kakhulu.
Okumayelana ne-SEE SAY DOO®: Umdlalo udlalwa amaqembu amabili noma ngaphezulu anabadlali ababili noma abathathu noma ngaphezulu emdlalweni wabadlala ngayedwa. Uvivinya ukucabanga kwalabo abadlalayo ngendlela emnandi.
Abadlali babizwa ngabenzayo nabatolikayo. Abenzayo basebenzisa ukudweba ‘SEE’, ukukhuluma ‘SAY’ and nokulingisa ‘DOO’ ukuze bakhombise ngokufanele impendulo abayifunde ekhadini lomkhakha, ngaleso sikhathi abatolikayo bazama ukuqagela ukuthi impendulo ithini. Umdlalo ngamunye ungathatha imizuzu engama-35 kuya kwengama-55 futhi kungadlala abaneminyaka esukela kweyi-9 kuya kwengama-99!
SEE SAY DOO itholakala ngenani elingama-R329.90 futhi itholakala lapha
- Crafters Market Branches
- Centurion Mall
- 234 South Street, Centurion, Gauteng
- Shop LM184, Clearwater Mall, corner Christiaan de Wet and Hendrik Potgieter, Johannesburg
- U44, Cresta Shopping Centre, Beyers Naude Drive & Weltevreden Road, Cresta, Randburg
- The Unseen Shoppe
- 37 Maryvale Road, Westville, Durban
Vakashela ku: http://seesaydoo.co.za uma udinga eminye imininingwane.
Amagama ngu-Raylene Captain-Hasthibeer