Kuqhakanjiswe Indima Yabesifazane Ekulweni Nobandlululo Kunkulumo e-UKZN
Click here for English version
Ekugubheni Inyanga Yabesifazane futhi kuhlonishwe nabo bonke abantu besifazane abanikela ngezimpilo zabo belwela inkululeko, isikhungo se-Special Collections Gandhi Luthuli Documentation sibambe i-Phyllis Naidoo Memorial Lecture ekhempasini i-Westville.
UDkt Phyllis Naidoo wayeyisishoshovu esasilwa nobandlululo, ummeli, umbhali kanye nothisha owabhala washicilela izincwadi eziningi ezazikhuluma ngomlando womzabalazo wobandlululo kanye nokuzinikela okwenziwa yilaba ababeyizishoshovu.
Le nkulumo, ehlonipha u-Albertina Sisulu ngokugubha ikhulu leminyaka ibinesihloko esithi: Sisulu 100- The Role Women Played in the Fight for the Liberation of South Africa, iqhakambise indima eyadlalwa abesifazane benakekela imizi yabo ngesikhathi abayeni babo beboshiwe; belwa nobandlululo, nokuba ngamaqhawe angaleso sikhathi angakaze abongwe.
UDkt Annie Devenish, umcwaningi we-African Ombudsman Research Centre, wakhuluma ngocwaningo lwakhe ngezincwadi eziyizinkulungwane ezabhalwa uPhyllis Naidoo ayezibhalela umndeni wakhe, ozakwabo kanye nabangani emhlabeni jikelele.
UDevenish uthe izincwadi wazithola zinolwazi olujulile kanti futhi wasizakala kakhulu ngokuzifunda ngoba wathola noluye uhlangothi olunezindima eziningi ezazidlalwa abesifazane abafana noNaidoo kumzabalazo wokulwa nobandlululo. ‘Le ndima namanje ayikabonwa futhi ayihloliwe ngokwanele. Usemningi umsebenzi okusamele wenziwe’.
Uthe le zincwadi zibonisa ukubaluleka bobudlelwano kanye nobungani ngesikhathi sobandlululo. Zinikeza ziphinde zifune nothando, induduzo kanye nokwelulekwa; ezinye zibonisa ukukhala ngenxa yosizi lokulahlekelwa ozakwabo abayizishoshovu; kanti ezinye zinikeza umyalelo wokuthumela imali kozakwabo ukuze bondle imindeni yezishoshovu eziboshiwe.
Ezinye ziyalela ngemali yesikolo, izipho zosuku lokuzalwa kanye nokuhamba; bese ezinye zichaza kabanzi ngezombusazwe ezweni kanye nasemazweni angomakhelwane.
Ebatshela ngomlando kaNaidoo oyigugu, isikhulumi esivelele uNks Elinor Sisulu uthe kuyazwela ukukhuluma ngoNaidoo ngoba wayefana ‘nomama kumina futhi waphatha umyeni wami njengendodana’.
Umbhali kanye nesishoshovu kwezepolitiki, u-Elinor ubonge iNyuvesi ngokubamba inkulumo yokuhlonipha umlando kaNaidoo. Enkulumeni yakhe, ubonge abesifazane ababanomthelela empilweni yakhe bamkhulisa waba yilomuntu wesifazane awuyena namhlanje. Uphinde wakhuluma ngakukhumbulayo ngomamezala wakhe, u-Albertina Sisulu, othi wayemele ‘isizukulwane sabesifazane ababenza kahle kakhulu’.
Ekhuluma ngemashi yabesifazane yonyaka we-1956, u-Elinot uthe sasikhona isidingo sokuqhakambisa indima yabobonke abesifazane ababekhona kuleyo mashi.
Umqondisi Wezomtapo Wolwazi e-UKZN uNkk Joyce Myeza uthe i-UKZN idlale indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi abesifazane bayabongwa ngokuzinikela.
Ikhophi esayiniwe yencwadi ngomlando ka-Albertina Sisulu efingqwe u-Elinor okuhloswe ukuba ihanjiswe ezikoleni yanikezwa uMyeza ukuze inikezwe i-Special Collections.
USolwazi Betty Govinden wathula izinkondlo ezimbili ezibhekiswe kuNaidoo. Wachaza uNaidoo njengowesifazane owakhetha abantu ngaphezu kwezidingo zakhe waphinde wathi imibhalo kaNaidoo yazama ‘ukukhulula esesibakhohliwe.’
Enkondlweni yakhe, uGovinden wahlonipha ‘omama benkululeko kanye nabesifazane bayizolo’ abafana no Princess Magogo, uNokutela Dube, uPhyllis Naidoo, uCharlotte Maxeke, uBessie Head, uPhila Ndwandwe, uVictoria Mxenge kanye nabanye.
Umqondisi wohlelo nongusihlalo webhodi elilulekayo, uNks Zandile Qono Reddy, wakhuluma ngakukhumbulayo ngomamekazi wakhe kanye nomuntu oyisibonelo kuye, uPhyllis Naidoo, kwathi Inhloko ye-Special Collections, uDkt Pravesh Sukram wethula amazwi okubonga kuzona zonke izihambeli.
Amagama: uSithembile Shabangu
Isithombe: uSbusiso Hlongwa