UKZN nabakwa-Habitat for Humanityngesikhathi kunomkhankaso we-TB and HIV Screening eMgababa ngoNtulikazi (Julayi).Umfundi Wezokwelapha Usungula Uhlelo Olunenqubekela Phambili Lokuxwayisa Ngezempilo
Click here for English version
Umfundi wezokwelapha ofunda unyaka wesithathu eSikoleni Sezokwelapha i-Nelson R. Mandela e-UKZN usesungule uhlelo olunenqubekela phambili lokwexwayisa nge-TB kanye ne-HIV e-Mgababa, eNingizimu yeTheku.
Uhlelo luka Mnu Ashiq Pramchand lwaqala onyakeni owedlule lapho wayebambisene ne “Habitat for Humanity”, inhlagano engenzinzuzo yamazwe omhlaba, eyakhela abantu abampofu izindlu.
‘Sesizwile ngezinhlelo zabo zokwakha izindlu eziyi-1000 endaweni yaseMgababa eminyakeni embalwa ezayo, ngibe sengithatha isinqumo sokuxhumana nabo, ngicele ukuba kube nokubambisana phakathi kwenhlangano yabo, i-SAMSA, i-BROCA (inhlangano eqeqeshanayo, engisanda kuyisungula) kanye neSikole Sezokwelapha. Ngicabange ukuthi kungaba ithuba elihle kakhulu lokuxwayisa umphakathi wethu nge-TB kanye ne-HIV/AIDS simeme nabantu abangathanda ukuzinikela,’ kusho uPramchand.
Ngosizo luka Nkk Eleanor Langley, uMgqugquzeli Wezempilo e-UKZN osebenzela eSikoleni Sezokwelapha, abafundi bezokwelapha base UKZN abazinikele kanye nabe-Habitat for Humanity basebenzise izinsuku zabo zokwakha njengethuba lokuxwayisa nge-TB kanye ne-HIV baphinde bahlole ezempilo ziyi-17-19 Ntulikazi (Julayi). Ukuhlolwa kwezempilo kwabanjelwa ehholo lomphakathi eHlanzeni eMgababa kubanjiswene nabahlinzekela ngezidingo endaweni kanye noMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal.
Emva kokuhlola, iziguli zidluliselwa emtholampilo eMnini, okuyiyona ndawo yezempilo abangadluliselwa kuyona eseduze. ‘Siyathemba lomkhankaso uzokhula ngamandla kanti futhi sesizitholile nezindlela zokudlulisa ulwazi ngomsebenzi wethu emphakathini. Abaholi bomphakathi bawuthokozele kakhulu lo mbiko. Kumanje sidingida okungazuzwa ngokusebenza ngokubambisana kwethu esikhathini eside esizayo,’ kwengeza uPramchand ophinde abe uSihlalo we-BROCA, inhlangano eqeqesha abafundi kanye Nesekela Mongameli we SAMSA.
Amagama: uLihle Sosibo



