Amandla asedlanzeni Zethu.Abafundi Baxwayisa Ngokuhlukunyezwa Ngokobulili
Click here for English version
Zi-1 KuNcwaba (Agasti) ngonyaka wezi-2018, abesifazane bazozonke izinkolo, izinhlanga kanye namasiko bebehlangane bemasha belwisana nokuhlukunyezwa ngokobulili.
Imashi yaqala e-Curries Fountain yaze yagcina eHholo Lasedolobheni eThekwini. Abafundi abenza unyaka wesine ku-Occupational Therapy eNyuvesi yaKwaZulu-Natal abasasebenza emphakathini baba yingxenye yemashi.
Inhloso yemashi kwakuwukuxwayisa ngokubulawa kwabesifazane futhi kuqedwe lokho. Imibala yemashi yayifaka umbala omnyama nobomvu njengoba lemibala kuyimibala emele amalungelo abantu. Umyalezo owawudluliswa kule mashi ukuthi 'umzimba wowesifazane awuyona indawo yokuba owesilisa agangele kuwo'.
‘Kubemnandi ukubona abantu besifazane besebenzisana beyimbumba ukuze bafeze umgomo owodwa,’ kusho uLindelwa Mamba, omumye wabafundi be-Occupational Therapy obebambe iqhaza kule mashi. UMamba kanye nozakwabo bazizwa beziqhenya uma bebona amandla abanawo abantu besifazane; babona nesidingo sokuqala iphrojekthi yabo ezoba semphakathini abasebenzela kuwona KwaDabeka. Abafundi be-Occupational Therapy sebeqale iphrojekthi yokuxwayisa ngokuhlukunyezwa ngobudlova kanye nosizo abangaluthola ukuqinisekisa ukuphepha.
UNozipho Tembe, ongomunye wabafundi be-Occupational Therapy, uthe, ‘Ngiyathemba sizowenza umehluko uma sisebenza emphakathini futhi sizophumelela kuphrojekthi yethu. ‘Abafundi kade besebenza ngokuzimisela kule phrojekthi yokuxwayisa ngokuhlukunyezwa ngokobulili ezoqala eMqhele High School KwaDabeka. Asenzeni umehluko'.
Amagama nesithombe: u-Aziza Mulla



