
Amaqembu ase-UKZN Anobhutshuzwayo Emncintiswaneni we-Varsity Cup Okokuqala Ngqa!
Click here for English version
Amaqembu ase-UKZN abesilisa nabesifazane akwazile ukuphumelela ukuze abambe iqhaza emncintiswaneni we-Football Varsity Cup okokuqala ngqa.
Umfundi ofunda izifundo Zesayensi Yezemidlalo, uNks Kholosa Biyana, onguKapteni weqembu labesifazane, uyathemba ngamathuba okuphumelela kweqembu emncintiswaneni ozobanjelwa e-North-West University e-Potchefstroom kusukela ngomhlaka-20 kuya ku-22 kuMandulo.
Ngokusho kukaBiyana, iqembu lisanda kubamba iqhaza emncintiswaneni we-USSA obubanjelwe e-Port Elizabeth lapho benze kahle kakhulu. ‘Nginesiqiniseko sokuthi uma sizoqhubeka nokuba nomoya kanye nokucabanga ngendlela efanayo, singenza kangcono okudlula esikulindele', ebeka u-Biyana.
UBiyana ongowokuzalwa eNgcobo, idolobhana elincane laseMpumalanga Kapa, uphila ngesiqubulo esithi: ‘There is no traffic on the extra mile.’ Uthe ukulinganisa ezemidlalo nokufunda kumenze waqinisekisa ukuthi wenza kahle kakhulu ezifundweni nasenkundleni yezemidlalo.
‘Ngihlale ngiqinisekisa ukuthi alupheli usuku ngingayanga emtapweni wolwazi. Kumele ngihlale ngiqikelela ukuthi ngihamba phambili ngokufunda futhi ngiqede izivivinyo zami kusenesikhathi,’ usho kanje.
‘Uvuna okutshalile’, usho eluleka abanye abafundi abafisa ukulandela ezinyathelweni zakhe. ‘Ngizalwa emndenini ongeseka kakhulu. Nginezingane zakwethu ezikuqondayo ukuthanda kwami ibhola – abafowethu ababili abadala nodadewethu oyedwa omncane, sikhuliswe abazali abamangazayo,’ usho enezezela.
Emva kokudlalela i-Banyana Banyana phambilini, uBiyana uthe usegxile kakhulu ekusebenzeni nasekuziqeqesheni kanzima ukuze abuyele eqenjini lesizwe.
Amagama: Sithembile Shabangu
Photograph: Supplied