
Kugujwa Umlando Kasaziwayo u-Mandela nge-Jazz
Click here for English version
Isikhungo Somculo we-Jazz noyiNtandokazi e-UKZN sethula umculo ka-Mnu Andile Yenana neqembu labayisithupha: Umnqgonqgo Wabantu kanye nothisha ofundisa e-UKZN, uMnu Burton Naido, kugujwa ikhulu leminyaka kwazalwa owayengumongameli wase-South Africa, u-Nelson Mandela, ngoLwesithathu ziyi-18 kuNtulikazi (Julayi) kunyaka wezi-2018 ngo 18h00.
UYerana wethula amaculo akhe amasha aqoshwa ngesikhathi edlala e-Swiss ngonyaka wezi-2017. Umculo wakhe waziwa njengomculo opholile futhi okwaziyo ukudlulisa umlayezo. Le phrojekthi ifaka amaculo esiko lakwaXhosa asetshenziwe enziwa umculo we-Jazz; kugujwa ngokudlala ngenkululeko umculo owenziwe ngaleso sikhathi.
Umdlali wepiyano, umbhali womculo kanye nomhleli, uMnu Burton Naidoo, waqopha izinkulumo ezimbalwa ezaziwayo zika Mandela. ‘Our Song’ iculo elikhuthazwe yimpilo ka-Nelson Mandela. ‘Amagama abizwa ngokweklasi aphinde ahlanganiswe ngenhloso yokwenza umculo asezingeni eliphezulu,’ esho.
UNaidoo usephinde wabhala amaculo amasha ukuze ahambisane nekhonsathi. Kumucu obhalelwe ukudlalwa ngepiyano iyodwa vo, izithameli zingalindela izinkulumo ezivela ecaleni lase-Rivonia, izinkondlo eziphuma ku-Sithembile Mlangeni kanye noZolani Mkhiya emcimbini wokuvula kanye nesimemezelo sokukhulula uNelson Mandela esenziwa nguMnu FW de Klerk ePhalamende.
Le khonsathi izofaka noMarcus Wyatt (we-trumpet kanye ne-flugelhorn), uLinda Sikhakhane (we-tenor), uSiyasanga Charles (we-trombone), u-Andile Yenana (we-piano), u-Ariel Zamonsky (we-bass) kanye no Michi Stulz ovela eSwitzerland (okuma-drums).
Isikhungo Somculo we-Jazz noyiNtandokazi sitholakala ebhilidini lase-Shepstone, ezingeni lesi-2, ekhempasini yase-UKZN i-Howard College.
Imali yokungena imi kanje:
- Uwonkewonke: R80.00
- Abahola impesheni: R50.00
- Abafundi: R25.00
Uma unemibuzo futhi ufuna nokuthenga amathikithi, xhumana noThuli ku-(031) 260 3385 okanye uthumele i-imeyili ku Zamat1@ukuzn.ac.za uma ufuna imininingwane.
Amagama: uMellisa Mungroo
Isithombe: Sinikeziwe