
Inzuzo Emtoti Kogcina Izinyosi Wase-UKZN
Click here for English version
Onyakeni wakhe wokuqala njengomgcini wezinyosi, uMnu Brian Karlsen, uchwepheshe esikhungweni i-Controlled Environment Facility (CEF) Esikoleni SezeSayensi YezoLimo, YezoMhlaba NeyezeMvelo (SAEES), udle umhlanganiso embukisweni i-Royal Show ngekhono lakhe kulo mkhakha.
U-Karlsen useneminyaka eminingi enomdlandla wokuba umgcini wezinyosi emva kokuthola izinyosi emsebenzini wakhe, ngakho wathatha isinqumo sokwenza lokhu ngokugcwele; waphuthuma wathola ayezokudinga ukugcina lezi zinyosi.
Emva kweminyaka emibili ezama ukubamba izinyosi, u-Karlsen waba nempumelelo ngonyaka odlule lapho wakwazi ukubamba izinyosi ezazisesikebheni somngani wakhe.
U-Karlsen ucishe wangalufaka uju lwakhe embukisweni i-Royal Show ngoba wayekhathazeke ngezingabunjalo nomthamo walo. Kodwa izinyosi azibamba esikebheni somngani wakhe zikhiqize uju oludle umhlanganiso. Umngenelo bewuhlolwa umbala, iphunga nokunambitheka- konke okuncike ezinyosini, kusho u-Karlsen- zibe ke sezihlolwa ngokokujiya nesimo somkhiqizo osebhodleleni.
I-KwaZulu-Natal Bee Farmers Association,okuyiyo ehlulela lo mncintiswano, imnike amaphuzu aphezulu emikhakheni ehlukene, yamnika amaphuzu agcwele ngokunambitheka. Bebethathekile ngezingabunjalo futhi bameluleka ngokufanele akwenze ukuze ukujiya nokufakwa koju lwakhe ebhodleleni kube ngcono.
U-Karlsen unezizinda ezimbili zezinyosi, esisodwa sise-Bishopstowe kanti esesibili sisemzini womngani wakhe e-Winterskloof. Okwamanje, ukugcina izinyosi kusayinto ayenza njengokuchitha isizungu, kodwa ufisa ukuthi kugcine kungokunye akwenza njengomlimi.
Okwamanje, ufuye izinkukhu zenyama emadlelweni angenamakhemikhali futhi unezinye zamaqanda nazo ezondliwa ngendlela efanayo. Unezinkomo ezimbalwa kanti unesifiso sokutshala imifino entwasahlobo.
U-Karlsen uthe uyayithanda indlela yokulima lapho akulimayo kulekelelana ngokondlana, okungenamkhiqizo oyimfucuza futhi okudinga okuncane ngasohlangothini lwakhe. 'Amadlelo ondla izilwane, izilwane ziyavundisa, izitshalo zondla izinyosi, kuthi ekugcineni sigcine sinemifino, uju, izinkukhu, ubisi namaqanda,' kusho u-Karlsen.
U-Karlsen, osaqala ibhizinisi lokudayisa izinkukhu ezikhula ngokukhululeka noju lwendawo nokulekelela ngokususa izinyosi ngezimpelasonto okuyinto ewumsebenzi omkhulu ngesikhathi sakhona.
Amagama: Christine Cuénod
Isithombe: Sihlinzekwe i-KwaZulu-Natal Bee Farmers Association