
Umsebenzi Wase-UKZN Ube Ngomunye Wabaphumelele kwi-Mail & Guardian’s 200 Young South Africans Edition
Click here for English version
Uthisha omkhulu kwezokuhlelwa kwamadolobha eSikoleni Sezifundokuhlelwa Womumo Wezakhiwo kanye neNtuthuko, uDkt Hangwelani Hope Magidimisha-Chipunu, ufinyelele kuhlu lwezi-2018 Mail & Guardian’s 200 Young South Africans.
Lo luhlu lushicilelwe ephephandabeni lekhethelo eliphuma njalo ngonyaka elibonisa intsha eqavile eyakha ikusasa lesizwe.
‘Ukuthola lo mklomelo kungikhuthaza ukuba ngenze okuningi,’ kusho uMagidimisha-Chipungu, oneminyaka engama-33. ‘Kuyohlale kuyisikhumbuzo sokuthi ukusebenza kanzima kunomvuzo futhi lokhu kuzokwenza nabanye besimame abasebasha babe nogqozi futhi bakuthazeke ukuba yizifundiswa, ikakhulukazi kwezokuhlelwa kwendawo namadolobha. Akukaze kwalula ukukhulisa izingane ezintathu ezincane, ube unkosikazi, umholi kwezemfundo kanye nokuba umcwaningi. Kudinga ukwazi ukuhlela isikhathi sakho kanye nokwesekwa ekhaya. Ngiyakubonga ukuba khona komyeni wami okunguyena onginika amandla. Uhlale enami njalo uma ngimudinga. Ungubaba nomyeni oqotho,’ kusho uDkt Magisimisha-Chipungu.
Ukufinyelela ezingeni eliphezulu lomsebenzi wakho usasemncane kuyiphupho labaningi. Kodwa kwabanye, kuyinjongo ekumele ifeziwe. Yikona okwenzeka kuDkt Magidimisha-Chipungu owathi eneminyaka engama-31, wathola iziqu zobudokotela kwezokuHlelwa kwamaDolobha Nezindawo e-KZN. Okuyingqayizivele ngeziqu zakhe ukuthi waba ngowokuqala wesifazane onsundu waseNingizimu Afrika ngokozalo ukuthola iziqu ezifana nalezi kwezemfundo zokuhlelwa kwamadolobha e-UKZN. Lezi ziqu zabonisa ulwazi lwakhe kwezocwaningo kanye nomusebenzi wakhe wokufundisa.
Ekukhuleni kwakhe njengoMcwaningi ongudokotela kuMkhandlu wenhlalosintu nezoCwaningo (i-HSRC), uDkt Magidimisha-Chipungu unerekhodi elibonakalayo lokushicilela okubuyekeziwe (amakhasi asencwadini, izincwadi kanye nezihloko zamaphephandaba), eyokugcina nje incwadi ngokuthutha kwabantu e-Southern Africa yangonyaka wezi-2017. Amandla akhe kwezocwaningo asekwe uxhaso aluthola ku-National Research Foundation (i-NRF).
Ukuba eNyuvesi njengesifundiswa kwamenza kwabonakala kwanda amakhono akhe ngokuthi afundise futhi aluleke abafundi abenza izifundi ze-Master's ne-PhD. Lokhu kwandisa kucwaningo lwakhe lapho athula khona amaphepha akhe kusithangami sesizwe kanye nesamazwe angaphandle.
Ukukwazi ukuphatha kwakhe kwamenza wazibona eseqashwa njengothisha omkhulu kanye nomholi wezemfundo wethimba LezeZindlu NokuHlelwa KwamaDolobha esingaphansi kweSikole Sezifundokuhlelwa koMumo weZakhiwo Kanye Nentuthuko, aphinde abe ilungu le-University Senate ne-Institutional Forum. Lokhu kungaphezu kokuqashwa kwakhe njengelungu lomkhandlu we-SACPLAN, kanye nelungu lekomidi le-KZN Planning Tribunal. Lokhu kumbonakalise emazweni angaphandle, ikakhulukazi i-International Society of City and Regional Planning (i-ISOCARP) kanye nekomidi lendawo lokuhlela elamqasha ukuba aqondise umhlangano wokuqala we-Young Professional Planners (i-YPP) eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2016.
Ephawula ngalenqophamlando futhi ebonga, iDini leSikolo, uSolwazi Ernest Khalema, uthe, ‘Kuyinjabulo futhi kuyangibusisa ukusebenza noDkt Magidimisha-Chipungu. Ukuphumelela kwakhe njengesifundiswa kuyancomeka emncane kangaka. Uyigugu leSikole Kanye neKolishi LezesiNtu.’
Isigaba sokuqala okuhle kodwa kuDkt Magidimisha-Chipungu.
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: i-Colourise Studio