
Umcwaningi Wase-UKZN Uklonyeliswe Ngokuba Usihlalo Wocwaningo Ohlelweni Locwaningo Kwezokuphathwa Kokuguquguquka Kwesimo Sezulu Kanye Nemfucuza
Click here for the English version
USolwazi Christina Trois uklonyeliswe nge-National Research Foundation (i-NRF)/ i-Council for Scientific and Industrial Research (i-CSIR) i-South African Research Chair Initiative (i-SARChI) kwezokuphathwa kokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nemfucuza.
‘Siyamuhalalisela uSolwazi Trois ngokuqashwa kwakhe’, kusho uSolwazi Albert Modi, iPhini LeSekelashansela eliyibamba eKolishi Yezolimo, Ezobunjiniyela kanye Nesayensi. ‘Lo mklomelo uyinkomba yocwaningo oluhle kakhulu olwenziwa eKolishi lethu. Siyaziqhenya kakhulu ngaye futhi sizoqhubeka nokumeseka kukho konke akwenzayo.’
ISikole SezobuNjiniyela sihlonishelwe ukuvuthwa kwethimba laso labacwaningi kwezokuphathwa kwezinsiza zokulahlwa kwemfucuza, lokhu kuwumsebenzi we-Waste Research, Development and Innovation (i-RDI) Roadmap. ISikole sithuthukisa amaklasi ezifundo ze-Mastazi Kwezokuphathwa Kwezinsiza Zokulahlwa Kwemfucuza sibambisene noMnyango WezeSayensi noBuchwepheshe (i-DST) esabuyekezwa.
Ingxenye yohlelo lwe-RDI Roadmap lufaka ukusetshenziswa kwezikhundla ezimbili ze-SARChI ukuze kwandiswe izikhala kumkhakha wezikadoti eNingizimu Afrika, isikhundla sika- Solwazi Trois sigxile kwezobuchwepheshe nezinhlelo zokulawulwa ukulahlwa kodoti.
‘Kumayelana nomthelela wezokuphathwa kokulahlwa kwemfucuza nokuguquguquka kwesimosezulu, ngendlela efanayo, uma kubhekwa izinhlangothi zokubhekana nesimo kanye nokuhlonzwa kokungaba yizinkinga’ kusho uSolwazi Trois.
USolwazi Trois uqhakambise imisebenzi ehlukahlukene yeSihlalo eyenza abacwaningi bakwezesayensi yokuphilayo, abakwezesayensi yendawo, abesifundo ngenhlalomphakathi, abezezindlu, abezokuhlela, abezomnotho kanye nabanye abasebenza kwezinye izindawo baziqhenye. Usihlalo uzohambisa phambili ukubambisana phakathi kwezifundo zobunjiniyela ezahlukahlukene.
Uthe, ‘Kwenzelwa ukuthuthukisa umphakathi kanye nokuthuthukisa ingqalasizinda’.
Lesi sikhundla sisuselwa emsebenzini wokuletha ushintsho owenziwa eminyakeni engaphezu kwama-20 e-UKZN kwinjulalwazi yokuvikela ezemvelo ngobunjiniyela, ebhekelele ukulawulwa kokuphathwa kwemfucuza namanzi angcolile kanye nokuwahlanza. Ukunikela kwakhe kwezesayensi kadoti, ukuthola okungasebenziseka kanye namandla aphuma kudoti afaka ukuthuthukiswa kwe ‘cellular method’ esetshenziswa kumgodikazi wokulahlwa kwemfucuza eThekwini.
USolwazi Trois, ongowesifazane wokuqala ukuba yiDini e-UKZN, wenza imisebenzi egqugquzela abesifazane abasebencane ukuba bengene kwezesayensi nobunjiniyela. Waphuma isibili ku-Department of Science and Technology’s (i-DST) Woman in Science Awards (i-WISA) yangonyaka wezi-2016.
Wasebenza ku-leachate treatment plant yokuqala eNingizimu Afrika, emsebenzini owawuxhaswe yi-World Bank i-landfill-gas-to-electricity project yokuqala e-Afrika lapho idolobha laseThekwini likhiqiza 10MW wogesi ovela kudoti. Uphinde asebenze kuma-multi-national hub e-African City of the Future.
USolwazi Trios uyingxenye ye-International Waste Working Group (i-IWWG)- i-Southern African Regional Branch, abe uNobhala weSifunda we-Southern Africa of the International Partnership for Expanding Waste Management Services of Local Authorities (i-IPLA) okuhlanganiswa yi-United Nations Centre for Regional Development (i-UNCRD)
USolwazi Trios, ongumcwaningi weNRF osezingeni lwe-C2, kanye nababili asebenza nabo baqala isikhungo socwaningo ku-Environmental, Coastal and Hydrological Engineering (i-CRECHE) ngonyaka wezi-2001. Waqala ilebhu yokuhlaziya kanokusho yocwaningo lwe-environmental engineering, wasungula ezokufunda, wahlelela abafundi abaneziqu abangaphezu kwama-20 nabacwaningi, waphasisa abafundi be postgraduate abangaphezu kwama-45, aphinde abambe iqhaza kumikhandlu eminingi yasekhaya neyaphesheya, emphakathini, ezikhungweni nakumabhodi okuhlela, aphinde abambisane nabacwaningi abaningi baphesheya.
Amagama: Christine Cuénod