
Kuvikelwa Umhlaba Ngemfucuza Ephendulwa Umcebo
Click here for English version
I-Waste to Wealth umsebenzi othokozisayo ophakathi kwenhlangano yase UKZN ebizwa nge-UKZN Engineering Hub for the African City of the Future (Afrihub) kanye nenhlangano egaya futhi ivuselele kabusha imfucuza i-Planetcare (Pty) Ltd.
Lo msebenzi uthulwe emcimbini obubanjelwe ekhempasini i-Howard College esakhiweni i-Centenary Building umdwebi ohlonishwayo uNkz Coral Bijoux. Umcimbi ubuhlanganise nomkhangiso ka Bijoux womsebenzi wobuciko obenziwe ngopulasitiki.
‘Ukusebenzisana nabakwa-Planetcare kusukele esiphakamisweni sikaDkt Herbert Bernhardt waseMnyangweni weZobuNjiniyela BezamaKhemikhali sokubandakanya abafundi emsebenzini wokugaya kuvuselelwe kabusha,’ kusho uDkt Rudi Kimmie. ‘Lokhu kuhambelana nokusebenza kwe-AfriHub okugxile emadolobheni anekusasa ngokungagcini nje ngokugqugquzela ukugaywa nokusetshenziswa kabusha kwemfucuza kodwa nokutholakala kwenzuzo yezezimali ngokwenziwa kwalemisebenzi. Inhloso okwamanje nesikhashana esincane esizayo ukuphathwa kwemfucuza njengomsebenzi onengeniso futhi omuhle emhlabeni. Kodwa inhlosongqangi ukuthuthukisa umphakathi okuqaphelayo okulimaza imvelo, osomabhizinisi abasebenza ngobuchwepheshe obusekela ukulondolozwa kwemvelo nokugqugquzela amabhizinisi amasha,’ kusho uDkt Kimmie.
Lo msebenzi uthole ukwesekwa okukhulu kuMqondisi we-Planetcare uMnu Prince Ndlovu, othe, ‘i-Planetcare inentokozo enkulu ngokuba yingxenye yalo msebenzi ne-UKZN. Sinezimpawu ezikhomba ukuthi singaba nempumelelo enkulu futhi sinethemba lokuba nohambo oluyimpumelelo lapho sizobona ukuthi lusifikisaphi. Kunethuba elikhulu lokuthi abafundi abasebasha e-UKZN bangene ebhizinisini lapho okuvimbayo ekuqalweni kwalo kumbalwa ngokweminyaka yobudala, amakhono namazinga emfundo. Konke odinga ukukwazi ukuthi unentshisekelo nogqozi lokuliqhuba,’ kusho uNdlovu.
UDkt Bernhardt udlulise amazwi akhe okubonga ngobambiswano, waphinde wabalula nezinhlelo zangomuso ngomsebenzi. ‘Umsebenzi we-Waste to Wealth ususelwe ezinyathelweni ezintathu,’ kusho u-Bernhardt. ‘Esokuqala ukuthokozisa abafundi ngokubamba umncintiswano onomklomelo oxhaswe abakwa-Planet Care. Esesibili ukusungulwa kwenkampani yabafundi ezosetshenziswa ukufundisa abafundi ngezinzuzo zokusebenza ngemfucuza, yize esesithathu sithinta ukusebenza ngezinhlaka zase-UKZN nokubheka izindlela zokwakha ingeniso ngemfucuza yaseNyuvesi,’ usho kanje
UDkt Kimmie uchaze ukuhanjelwa kwalo mcimbi njengokuhle kakhulu. Izethameli bezimele abezobuciko, amabhizinisi, abaxhasi ngezimali kanye nabezokufunda.
Amagama: Manqoba Hadebe
Isithombe: nguAndile Ndlovu