
INyuvesi Yase-Denver Yamukele Umfundi Wase-UKZN
Click here for the English version
Umfundisi Nhlakanipho Dlamini, ongumfundi owenza unyaka wesithathu weziqu ze-Bachelor of Social Science lapho egxile kwezoMthetho kanye nezoMlando, ubengumfundi ovakashile eNyuvesi yase-Denver e-Colorado eMelika ngonyaka odlule.
Minyaka yonke abafundi base-UKZN bayakhethwa njengengxenye yohlelo lwehhovisi lwezindaba zabafundi bangaphandle elinohlelo lokwenza iNyuvesi ukuthi ibe eyomhlaba kanye nokunikeza abafundi ithuba lokuvakashela izikhungo zeMfundo Ephakeme zaphesheya.
UDlamini uwathokozele kakhulu amakilasi ase-Denver amancane - anesibalo sabafundi abangama-20 ikilasi ngalinye - kanye nobuchwepheshe bukanokusho eminyangweni yonke.
UDlamini uthi ukuthokozele kakhulu ukuba umfundi kulesi sikhungo futhi ukuthokozele nokufunda ngendlela yokuphila yamaMelikana kanye nendlela ababheka ngayo ezokufunda.
Okumhlabe umxhwele kube ukusebenza e-Casa de Paz e-Denver – okuyinhlangano ezimele elekelela abakuleliyalizwe ngokungekho emthethweni abasuke sebekhululiwe emva kokuboshwa.
‘Isikhathi engisichithe nale nhlangano singenelise kakhulu,’ kusho uDlamini. ‘Ukulalela izindaba zabantu bako-Mexico, eSouth America nase-Afrika ababalekele ukuhlukunyezwa, izimpi nendlala bagcine ngokuboshwa emngceleni waseMelika, abanye iminyaka efinyelela kwemihlanu, lokhu angisoze ngakukhohlwa,’ usho kanje.
Kumethusile ukubona ukuthi abantu baseMelika babahlonipha kangakanani abaseNingizimu Afrika, kodwa ukhathazekile ngokubi okubikwa abezindaba okuthunaza iNingizimu Afrika. ‘Ngimangazwe nayisiko lobunyoninco eliseMelika – ulithola kuzo zonke izinhlaka zomphakathi.'
UDlamini uthe ukungalingani kwe-dollar nerandi kubangele ukuthi yonke into ibize kakhulu, kanti nokushiyana kwezikhathi kubangele ukuthi azizwe eqhelile kubangani nomndeni wakhe.
Okube kukhulu ohambeni lwakhe kube uhambo lwase-New York!
UDlamini (35) ushadelwe uVuyiseka, futhi banabantwana ababili, oZoe no-Samuel.
OnguMxumanisi Wezokuvakasha Kwabafundi uNkz Preshantha Reddy uthe lolu hlelo luyimpumelelo kakhulu ngokunika abafundi base-UKZN ithuba lokufunda bebe bebona umhlaba. ‘Abafundi futhi bathola imvume yezifundo zabo ngaphambi kokuthi bahambe, ngakho abalahlekelwa isimesta ngoba izifundo abazifundile ziyabalwa uma sebebuya phesheya. Kuyithuba elihle ukuzithola wenza lokhu usengumfundi,’ kusho uReddy.
‘Kunokuningi okuzuzayo ngokuba kulolu hlelo njengokuhlala kwelinye izwe kuya ekuphileni impilo ehlukile kanye nolimi oluhlukile.’
Abafundi abayisishiyagalombili bahambele eMelika, Canada, Korea nase-Sweden ngonyaka wezi-2017.
Amagama ngu-Raylene Captain-Hasthibeer