Umkhankaso Wokwethula Izinhlelo zeHhovisi
Click here for English version
Umnyango wokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi uhlele umkhankaso wokuhambela zonke izikhungo zeNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
Inhloso yalomkhankaso ukwethula izinhlelo ezitholakala kuleli Hhovisi, ikakhulukazi ukwazisa umphakathi waseNyuvesi ngokusebenza nokusetshenziswa kwenqubomgomo yeNyuvesi ebulimimbili. Leli Hhovisi linezinhlelo ezahlukahlukene, singabala kuzo:
1. Ukwakhiwa nokugunyazwa kwamatemu esiZulu
2. Ukutholakala nokusetshenziswa kwesizinda samatemu esiZulu agunyaziwe
3. Izinhlelo zokuhumusha
4. Ukusebenza kwama HLT’s (Zulu Lexicon, IsiZulu National Corpus, kanye neSpellchecker)
5. Ukufundiswa kwabafundi ukukhuluma isiSuthu (Bua Le Nna)
6. Ucwaningo olwenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesiZulu
Lo mkhankaso uqale esikhungweni i-Westville mhla ziyi-18 KuNhlaba 2018 wadlulela e-Howard College zingama-25 KuNhlaba 2018. Kuzo zombili lezi zikhungo lo mkhankaso ube nesasasa elikhulu. Ukuba impumelelo kwalo mkhankaso kulezi zikhungo zombili kusinikeze isithombe esihle kakhulu ngendlela abafundi kanye nabasebenzi abawujabulele ngayo umsebenzi waleli Hhovisi. Indlela abazithakasele ngayo izinhlelo zaleli Hhovisi kubuyisele abasebenzi baleli Hhovisi ithemba kanye nogqozi lokuqhubeka nokwenza umsebenzi ngokuzimisela. Kafushane nje abafundi kanye nabasebenzi beNyuvesi bazijabulele kakhulu lezinhlelo, iningi labo lihambe selihlomule ngama HLT’s eHhovisi, ikakhulukazi i-ZuluLexicon.
'Uma lo mkhankaso ubeyimpumelelo nakwezinye izikhungo esisazozihambela, kuzosiza ukuthi inqubomgomo yolimi yaseNyuvesi nohlelo lwayo lusebenze kahle ngokungenazihibe,' kusho Umnyango wokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi.
LoMkhankaso uzoqhubekela kwezinye izikhungo (i-Medical School, i-PMB kanye ne Edgewood) uma iNyuvesi isivulile ngenyanga kaNtulikazi ku 2018.
Words: Ndabaonline