
Isifundiswa Sase UKZN Senza Ezibukwayo eSikoleni SezobuDokotela e-Havard
Click here for English version
Isifundiswa sase UKZN, uDkt Tivani P Mashamba-Thompson, useqede izifundo ngocwaningo kwezokwelapha eSikoleni sezobuDokotela e-Havard waphinda wathola ukunconywa ngocwaningo lwakhe.
Isikhathi esilindeleke ukuba umuntu aqede lolu hlelo iminyaka emibili, kodwa isifundiswa esingumholi kwezocwaningo eSikoleni Sezobuhlengikazi kanye Nezempilo yoMphakathi siqede lolu hlelo ngonyaka owodwa.
Ngonyaka wezi-2017, uDkt Mashamba-Thompson wajoyina uhlelo lwe-Harvard Medical School’s Global Clinical Scholars Research Training (i-GCSRT) oluqeqesha abezempilo nososayensi bezempilo ekwenzeni ucwaningo kwezempilo luphinde lubanikeze amakhono obuholi kwezocwaningo.
Ubengomunye wabafundi abane abanomsebenzi oqhakanjiswe ngokukhethekile emcimbini wokwethweswa iziqu nguDkt Kenneth B Christopher, ongomunye wabaqondisi bohlelo lwe-GCSRT kanye noSolwazi Ongumsizi eSikoleni Sezobudokotela e-Harvard.
Ucwaningo luka Dkt Mashaba-Thompson lugxile ekutholeni imithi nezindlela ezintsha zokwelapha izifo ngokusebenzisa indlela yokusebenza emikhakhaminingi futhi enokusebenza ngokubambisana okukhulu lapho kuthathwa khona okutholakala elebhu kudluliselwe esigululini.
‘Sengiyilungu elisimthethweni lababefunda e-Harvard kanti futhi lokhu kuza nenzuzo enkulu,’ kusho uDkt Mashamba-Thompson ejabule kakhulu.
Useqale ubudlelwano obuhle nabaqondisi bohlelo lwe-GCSRT kanti futhi makhulu amathuba okuthi abe umfundisi wesikhashana eSikoleni Sezobudokotela e-Harvard afundise ngokubuyekezwa kokuhlola. Ukubuyekezwa kokuhlola indlela yokuthola ubufakazi obuningi ocwaningweni oluhlose ukubheka imibhalo ezobonisa okushodayo ukuze kwenziwe ucwaningo lwangomuso.
Uthe, ‘Ngifisa ukubonga kakhulu kwababengabaphathi bami, uSolwazi Busisiwe Ncama kanye noSolwazi Slotow ngokuqinisekisa njalo ukuthi uguquko lwenzeka ngokuhambisana nobunyoninco e-UKZN nokungiseka ngaze ngaphothula izifundo zami eSikoleni SezobuDokotela esisezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele.’
UDkt Mashamba-Thompson uphinde wabonga iDini ye-GCSRT, uDkt Ajay K Singh kanye noDkt Kenneth B Christopher, ngohlelo lwezifundo olwakhiwe kahle kanye nabaxhumanisi bohlelo lwe-DCSRT, u-Lauren Rocha no-Emily Pope ngokubekezela futhi nangokuzimisela. Okokugcina, ubonge ozakwabo ayefunda nabo.
Amagama: Nombuso Dlamini