.jpg)
USolwazi wase-UKZN Uklonyeliswe Ngedondo Ephambili
Click here for the English version
Indondo i-Ward Cates Spirit yangonyaka wezi-2018 inikezelwe kuSolwazi Quarraisha Abdool Karim, onguSolwazi (ngokuhlonishwa) e-UKZN futhi onguMqondisi Osemusha we-CAPRISA emcimbini we-Annual HIV Prevention Trials Network (HPTN) ebibanjelwe e-Washington.
U-Abdool Karim uklonyeliswe uDkt Anthony Fauci, uMqondisi we-National Institute of Allergy and Infectious Diseases (NIAID); kanye no-Dkt Myron Cohen, noDkt Wafaa El-Sadr, abangoSihlalo be-HPTN. U-Abdool Karim, ongowesifazane wokuqala ukuthola le ndondo, uhlonishelwe ukuzinikezela kwakhe ngokuvelele nobuholi kwezamalungelo empilo lapha ekhaya nasemhlabeni jikelele; ubunyoninco kwezesayensi nesineke sakhe ekuqeqesheni nokweseka abanye.
Indondo i-Ward Cates Spirit ihlonipha umlando onothile wezesayensi wongasekho emhlabeni u-Ward Cates, uSosayensi Ophambili futhi onguMongameli Waphakade we-FHI 360, esineminyaka evile kwengama-40. Ngesikhathi sokusebenza kwakhe, u-Cates wabamba izikhundla eziphezulu ku-CDCne-FHI 360. Okubalulekile ukuthi u-Ward Cates, njengoMongameli we-FHI360 nosihlalo waphambilini we-HIVNET ne-HPTN wayengumhlobo omdala ka-Salim no-Quarraisha Abdool Karim obesebenzisana nabo futhi ube neqhaza elikhulu ekuhloweni i-CAPRISA 004.
Ubuholi be-HPTN busungule indondo i-Ward Cates Spirit Award njengendlela yokuhlonipha ukuzinikela kuka-Cates nokunye okuningi akwenzile emkhakheni wezokulwisana ne-HIV/AIDS, ezokuhlelwa komndeni emhlabeni jikelele, nezempilo yabesifazane. Le ndondo iklonyeliswa oyilungu lenhlangano ovelele ngokweqhaza alibambile ekufezweni kwenhloso ye-HPTN ngobuholi bakhe, ukuqeqesha abasafunda, ukweseka nokusebenzela ezempilo zomphakathi.
U-Abdool Karim ungowesithathu ukuthola le ndondo futhi usekleliswe nososayensi abaphambili oDkt Ken Mayer, onguMqondisi we-Fenway Institute, kanye noDkt Sten Vermund oyiDini yeSikole sase-Yale sezeMpilo YoMphakathi abaklonyeliswe ngonyaka wezi 2016 nowezi-2017 ngokulandelana.
Amagama: ngu-Smita Maharaj