
Umfundi Uphume Phambili Kumncintiswano Wokubhala ngeSabelozimali
Click here for the English version
Umfundi we-Master’s kwezenhlalo yomphakathi (ipolitiki), uMnu Thembelani Mazibuko, wenze i-UKZN yaziqhenya ngaye ngokuqokwa kwakhe njengomunye wabane abaphume phambili kumncintiswano wokubhala ngeSabelozimali saseMnyangweni Wezangaphandle Nokubambisana (i-DIRCO)
Abangenela lo mncintiswano balindeleke ukuthi babhale indaba ngenye yezihloko ezine ezikusabelomali ngokugxila emsebenzini owenziwe umnyango enyakeni odlule kanye nozimisele ukukwenza onyakeni omusha.
Njengenxenye yomncintiswano, uMazibuko wanikezwa ithuba lokuthamela isabelozimali ePhalamende kanye nesidlo sasekuseni esilandela isabelozimali lapho ahlangana khona noNgqongqoshe Wezangaphandle, uNks Lindiwe Sisulu.
‘Leli bekuyithuba elimangalisayo’, kusho uMazibuko. ‘Ngakuthokozela kakhulu ukuhlangana nabantu abaningi abafana namanxusa, abezangaphandle, osopolitiki asebathatha umhlalaphansi, abezindaba kanye nezifundiswa. Ukuphuma phambili kwenyuse izinga lami lokuzethemba. Kungibonise ukuthi ngingenza noma yini engifisa ukuyenza’, kusho uMazibuko, ophinde waqhubeka wathi ukuhlangana nabaholi abanamandla kwamenza wazithoba futhi wakhuthazeka. Uthe, ‘Lokhu kungifundise ukuthi ukusaba ukusondela kubaholi abangosaziwayo kwenziwa umuntu uqobo’.
Kulesigaba somncintiswano, abangenele umncintiswano kwakumele babhale indaba nge-BRICS baphinde bachaze ukuthi ubulungu be-South Africa kulenhlangano kuzoyilekelela kanjani ekunciphiseni izinkinga zangaphakathi. Inhlangano efaka iminotho yamazwe amahlanu asakhula, i-BRICS isifinyezo seminotho ehlanganisiwe ye-Brazil, i-Russia, i-India, i-China kanye ne-South Africa.
Endabeni yakhe ephume phambili, uMazibuko uthe ukuba ingxenye ye-BRICS kwalekelela i-South Africa ngezohwebo, waphinde wathi izwe lizuza kukhulu ngokuthi lifinyelela kalula kumamakethe amakhulu afana ne-China, i-India kanye neBrazil. Uthe, ‘I-BRICS inikeza i-South Africa amathuba ezangaphandle, awepolitiki kanye nawokufunda kwamanye amazwe asathuthuka futhi asaqhubeka nokunqoba izinkinga ezejwayelekile. I-BRICS inikeza i-South Africa ithuba lokuzithengisa ngokufaka ingqungquthela yabo yeminyakayonke ezindabeni. Ukufakwa kwayo ezindabeni kushintsha imibono abantu abanayo nge-South Africa, kanjalo nje, izwe libonakala njengendawo yokuvakasha kanye neyamabhizinisi’.
Eluleka abanye abafundi abafisa ukungenela lo mncintiswano, uMazibuko unxuse ngokubaluleka kokufunda imiyalelo. ‘Ukuqaphelisisa okufunwayo nesizathu; lokhu kuzokwenza uqonde kabanzi izindlela zokhipha umsebenzi oncomekayo. Ukukwazi ukubhala kahle kuzokusa kude empilweni, ngakhoke, funda ukubhala izwakale imibono yakho futhi ucabange ngokwenza’.
UMazibuko uthe lo mncintiswano umenze wakuqondisisa okuphathelene nezangaphandle; okuwumsebenzi acabanga ukuthi angawuthokozela. Uphinde wathi, ‘Futhi ngikuthanda kakhulu ukuba usomabhizini ngoba ngiyafisa ukudlala indima ngokuthuthukisa umnotho wezwe lami ngiphinde nginciphise amazinga aphakeme okungabibikho kwemisebenzi’.
Amagama: uMelissa Mungroo