Abafundi kanye nabasebenzi be-CAES phambi komkhangiso odle ubhedu kanye nendondo yabo e-Royal Show.Umkhangiso Wase-UKZN Odla Ubhedu Uphume Phambili Embukisweni Waminyakayonke
Click here for English Version
Sekuphele iminyaka emithathu ilandelana, iKolishi Lezolimo, Ezobunjiniyela Nezesayensi (i-CAES) inqoba i-Royal Industrial Floating Trophy for Best Display ku-Royal Show ebanjwa njalo ngonyaka eMgungundlovu.
Liphinde lathola indondo yegolide ngomkhangiso wabo omuhle kakhulu kanti futhi nethimba lanconywa ngokunakekela amakhasimende.
Umkhangiso wabo ujabulise izihambeli eziningi ngombukiso obunezinyoka, ama-tenrec, izicabucabu, amaphela, umbukiso wokutshalwa kwezitshalo emanzini, umbukiso welebhu yokucwaninga izitshalo, nohlelombukiso lwezamanzi angaphansi komhlaba nokunye okuningi.
I-UKZN yaziwa kakhulu ngezikhangiso zayo ezinokuxhumana nabantu, ezintsha futhi ezifundisayo kulonyaka bekunesiteshi sesimo sezulu esizishintshayo kanye nombukiso oqhakambisa umsebenzi owenziwa i-UKZN, i-South African Sugarcane Research Institute (i-SASRI) kanye ne-Dube AngriLab yase-Dube TradePort Special Economic Zone, okuyilebhu yezitshalo ecwaninga ngokutshalwa komoba, ezinye izitshalo kanye nezitshalo zokuhlobisa. Le ndawo ikhiqiza izithombo ngaphansi kwesimo esingenamagciwane ukuze kuphume izitshalo ezingenazifo ezisezingeni eliphezulu lalezo zitshalo.
Abafundi abanolwazi bebekhombisa izivakashi obekukhangisiwe futhi bebachazela ngokumele bakulindele eNyuvesi. Bekukhona nemibukiso emihle kakhulu yezesayensi eyethulwe uDkt Tanja Reinhardt, okanye uDkt T, weSikhungo seSayensi noBuchwepheshe Bezemfundo.
Ophethe Ezokuxhumana Nomphakathi e-CAES, uNkk Swasti Maney, uxhumanise impumelelo yesikhangiso neqhaza labasebenzi nabafundi abebelekelela, nomdlandla walabo abebesesikhangisweni becobelela izivakashi ngolwazi lwabo.
Imikhakha ebibambe iqhaza ihlanganise i-Agrometeorology, i-Bioresources (Agricultural) Engineering, i-Crop Science, i-Hydrology, izifundo eziningi ze-Life Sciences kusukela ku-Zoology kuya ku-Biology, kanye nethimba labacwaningi be-Aquatic Ecosystem.
Umkhangiso ubuyingxenye yesimpoziyamu yesikhumbuzo yesithathu i-Ukulinga Howard Davis Memorial Symposium, eqhakambise ucwaningo oluzokwenziwa eSikoleni Sezesayensi Yezolimo, Ezomhlaba Nemvelo oluhambisana nokugcina inqubo yezolimo.
Izinhlangano ebezikhangisile bezingama-450 okubalwa kuzo ezithengisayo, ezezimboni kanye nezezinsizakalo futhi zihanjelwe abantu abasondele kuma-200 000 emcimbini omkhulu wezolimo nezempilo esifundazweni ngosuku lwe-10 uqhubeka umcimbi.
Amagama: u-Christine Cuénod



