
Ukuthathwa Komhlaba Kungenziwa Ngendlela Enokuthula - Ijaji u-Albie Sachs
Click here for the English version
IJaji leNkantolo yoMthethosisekelo eselathatha umhlalaphansi uMnu Justice Albie Sachs uthi ukuthathwa komhlaba eNingizimu Afrika kungenziwa ngendlela enokuthula, kube nenkulumompendulwano enamandla futhi enomqondo.
USachs ubekhuluma kubasebenzi nabafundi base-UKZN kanye namalungu omphakathi ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni i-Student Chapter of Amnesty International South Africa yeNyuvesi.
Lo mcimbi ubuhlelwe inhlangano ye-Durban Chapter, ibambisene neSikole Sezomthetho e-UKZN, ibibanjelwe e-Howard College Theatre yeNyuvesi.
Isihloko sesifundo besithi: Umthethosisekelo Nokubuyiselwa Komhlaba e-Ningizimu Afrika: Ukuthathwa komhlaba ngaphandle kokukhokha. USachs uthe ujabule kakhulu futhi usekhululekile ngoba isihloko sesidingidwa ePhalamende.
Uthe indlela okwenziwa ngayo akufanele ingahleleki futhi ivune abantu abazana nabantu abathile kuhulumeni, okungenzeka bangabi abalimi abaqotho. Inhloso kwakungeyona ukukhipha abantu kungene abanye abasha abazophatha.
‘Kuningi okusangenzelwa abantu abasekhona endaweni, abamhlophe nabansundu, kanti futhi inqubo yokusebenza kumele yandise umkhiqizo iphinde iqinisekise ukuphepha kokudla.’
Uthe ‘Sifuna abanikazi bomhlaba abaziqhenyayo, abantu abanomlando ngomhlaba, abalangazelayo ukukhiqiza kanti futhi abazokwazi ukusebenzisana nabanye.’
‘Kodwa ke uma kusekhona ukungalingani okucace bha esikhathini samanje, asisoze saba nesizwe esithuthukayo.’
‘Weluleke abalimi ngokuthi bahlale bexhumana nabanikazi bamafamu abasha, badlale indima yokwandisa imikhiqizo baphinde babe ingxenye yabantu abakha umnotho waseNingizimu Afrika.
Amanye amalungu abeyizithameli akhombise ukungakuthokozeli ukusebenza kancane kuka hulumeni mayelana nokubuyiselwa komhlaba kubanikazi.
USachs uthe wonke umuntu kumele azi ukubaluleka komlando owadlala indima kwenziwa u-Section 25 woMthethosisekelo wase Ningizimu Afrika nokuthi kwakuyiyiphi inhloso, umbhalo wawuthini kanye nokwazi ongakwazi ukukwenaz esikhathini samanje.
Uthe uyaziqhenya ngoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika njengoba usudlule kokuningi.
Uma ebheka ingxoxo, uSihlalo Wekomidi Elikhulu lesikhashana i-Amnesty International South Africa le - UKZN Student Chapter, uMnu Mthobisi Gwacela, ukhulume ngezimiso zo-Ubuntu.
‘La engiphuma khona akekho umuntu okutshela noma okubonisa ukuthi yini Ubuntu, uyazibonela nje. Uma ungonile, kumele ukhombise Ubuntu.’ Uthe ukubonisa Ubuntu yikona okuyisisekelo somsebenzi wabo njenge-Chapter.
Amanye amalungu e-UKZN Chapter afaka uNkk Lindelwa Mthiyane, uMnu Ethan Chetty, uMnu Lwazi Mpulu, uNkk Princess Dludla, uMnu Themba Mncube kanye noMnu Mfundo Khanyile.
Amagama nguSithembile Shabangu