
Inkulumompikiswano ye Conversations for Change iqhakambise ubumbano
Click here for the English version
I-Mandela Rhodes Community ne-UKZN ibambe inkulomompikiswano yaminyaka yonke iConversations for Change yesi-7 ebanjwa njalo ngonyaka, ebibanjelwe ekhempasini i-Howard College, ibanjwa nje sekuphele iminyaka engama-100 uNelson Mandela azalwa, ibigxile kakhulu kuzethembiso kanye nezinkinga eziphathelene nokuzwana.
Ithimba elinamandla lamajaji belihlanganise owayeyilungu lePhalamende nosanda kuqokwa njengoMqondisi Omkhulu osanda kubekwa we-Undoing Tax Abuse (i-OUTA), UDkt Makhosi Khoza, osathola ukuqeqeshwa ongumcwaningi weziqu zobuDokotela e-Maurice Webb Race Relations Unit ese-UKZN, uMnu Lukhona Mnguni ongumhlaziyi wezepolitiki nezenhlalo, kanye noMqondisi we-Institute of Afrikology uNkk- Yaa Ashantewaa K Archer-Ngidi.
UKhoza uthe isihloko sezingxoxo zakulonyaka besibalulekile eNingizimu Afrika njengoba ekholwa ukuthi isizwe ‘siphokophele ekuzibulaleni ngokwengqondo.’
Ukuze kugcinwe umgubho we-Africa Month, uKhoza ucaphune onqondonqondo abangokuzalwa ezweni lase Afrika, abahlanganise oyisakhamuzi saseBissau-Guina nase-Cape Verde ongunjiniyela wezolimo, umthandi wezwe lakubo, nongqongqondo wezokuphathwa kwezwe u-Amilcar Cabral, ongomunye wabaholi bezwekazi lase Afrika abangahambelani nokuhlukunyezwa kwabantu bomdabu: ‘Asisafune muntu ozoxhaphaza abantu bakithi, noma ingaba abamhlophe noma abamnyama, ngoba akubona nje kuphela abamhlophe abaxhaphazanayo. Kukhona nabamnyama abahlala belindele ukuxhaphaza abanye abantu ukudlula abamhlophe. Sifuna abantu bakithi bathuthuke,’ kusho u-Cabral.
Ohlonishwa njengomuntu ongazenyezi ngokulwela amalungelo abesifazane, uKhoza ukhulume kakhulu ngokuphatha kwabesilisa kuphela, ecaphuna uCabral lapho ekhuluma khona ngeqhaza elibanjwe abesifazane ‘ekusebenzeleni abantu bakithi’.
UKhoza ugcizelele ukubaluleka ‘bokubeka abantu kuqala, ngaphambi izinjongo zepolitiki, ukuzikhathalela, nomhobholo. Uthe: ‘Kumele sikuyeke ukwenza sengathi konke kuhle e-Afrika. Kumele sibeneqiniso uma sifuna ukunqoba.’
Ubugxekile ‘ubuvila’ nakwisitatimende sakhe ebesiqonde ngqo, uthe: ‘Ngeke ibekhona intuthuko nozwano uma uHulumeni eqhubeka nokucindezela abantu abamnyama, ikakhulukazi ngokubagcina ezingeni lokuhlupheka, lokungalingani nabanye nelokungasebenzi.’
Uma sibuka inkulumompikiswano yezomhlaba okuyiyona esematheni, uMnguni uthe ukuthathwa komhlaba yinto engabukwa kusukela zingama-19 June 1913. uMnguni ubuze ukuthi ngabe kwakukhona yini ‘umbono ocacile, nesifiso kwabazombusazwe kanye nokusebenzisa amandla okubusa ukuze kuqedwe izinkinga ezibalulekile zezwe lethu.’
Uthe ‘Izinsalela zobandlululo zisekhona,’ waphinde wagxeka ukucwaswa ngokwebala ikakhulukazi ngokobulili eNingizimu Africa. ‘Amadoda azo zonke izinhlanga aluchithile uhlelo lokuguqula izinhlelo zobulili.’
U-Archer-Ngidi unikezele yonke inkulumo yakhe ku-Winnie Madikizela-Mandela, ambize njengo ‘Mandela wethu’, wagcizelela kubafundi ukuthi bafunde imibhalo ka-Kwame Nkrumah, owayengu-Mongameli waseGhana nosaziwayo ohlale ekhuthaza ushintso kwezepolitiki.
Ubuze ngenqubo yozwano eNingizimu Africa, wathi ‘emuva kweminyaka engama-350 yodlame, ngabe ziphi izikhungo zokupholisa amanxeba abangwa ubandlululo?’
Izethameli zibuze imibuzo ebalulekile mayelana nenkulumo-mpikiswano yezomhlaba, i-fourth revolution, i-Africology kanye ne-westernisation.
UMxhumanisi we-Mandela Rhodes Community e-KZN uMnu Suntosh Pillay ukhuthaze izethameli ukuthi zixoxe ngezinkinga ezithinta umphakathi. ‘izingxoxo zidlula zonke izindlela zokwenza,’ / ‘akukho okudlula izingxoxo,’ kusho uPillay. Ecaphuna isazi nesazi-mlando sase-Oxford, uTheodore Zeldin, ukhuthaze izithameli ukuthi ziqhubekele phambili ‘nezingxoxo zokuletha ushintsho’ ngokukhuluma ngesihloko okukhulunywe ngaso ku-Conversations for Change yakulonyaka.
- I-Conversation for Change uchungechunge lwezinkulumo-mpikiswano zomphakathi ezibanjelwa emadolobheni amakhulu aseNingizimu ne-Africa. Lezi zingxoxo zigqugquzela izingxoxo zomphakathi ezinamandla, ezihlanganyelwe neziletha imicabango eyakhayo ngezinkinga zomphakathi. Izihloko zaphambilini zifaka: ‘I’m Not Racist, but…; Can we Really Decolonise Africa; kanye ne-Ethical Leadership: Have we lost the polt.
Amagama: nguRaylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Albert Hirasen